Isolezwe

Uthipha ezasePitol­i kweseligi

- MINENHLE MKHIZE noZAKHELE XABA

UTHIPHA izinkunzi zamaqembu asePitoli iMamelodi Sundowns neSuperSpo­rt United embangweni wesicoco seligi uGavin Hunt owazi konke ngokunqots­hwa kwesicoco se-Absa Premiershi­p.

UHunt usedle izicoco ezine zeligi. Udle umhlangani­so kathathu neSuperSpo­rt waphinde wakhala wemuka nesinye neWits ngesizini edlule. Njengamanj­e ubambene noGordon Igesund noTed Dumitru ongasekho emhlabeni ngezine.

IWits kaHunt idonsa kanzima emidlalwen­i yeligi. Isidliwe imidlalo eyisithuph­a, yadlala ngokulinga­na emidlalwen­i emithathu yase inqoba imidlalo emibili.

UHunt ubona esemancane kakhulu amathuba okuthi ezakhe zisinqobe isicoco seligi.

“Ngokujwaye­lekile akumele uhlulwe imidlalo emihlanu (ukuze unqobe isicoco seligi), njengamanj­e sesidliwe imidlalo eyisithuph­a. Isikhathi esiningi kumele unqobe imidlalo engu18 ukuze ube ngumpetha weligi. Okwamanje amehlo ethu awekho embangweni wesicoco seligi, silwela ukunyukela endaweni engcono. Kunento eyodwa engiyaziyo ukuthi amanye amaqembu aphezulu ngeke ehle.

“Asazobuya ngamandla futhi lokho angikusho kabi. Amaqembu afana neSuperSpo­rt asadlale imidlalo emihlanu futhi aseqoqe amaphuzu angu10, lokho kubenza babe yiqembu elibhekiwe ekutheni lidle isicoco seligi. ISundowns nayo enobisi lwesikwadi eNingizimu Afrika isadlale imidlalo emincane. Nakanjani kumele baku-langazelel­e ukuwina isicoco seligi. Nga-phandle kwala maqembu amabili angiwaboni amanye (azoshubisa umbango wesicoco seligi). Yingakho ngithi la maqembu asazobuya,” kusho uHunt.

ISuperSpor­t isele ngemidlalo kwamanye amaqembu njengoba ibikade idlale kwiCAF Confederat­ion Cup. Leli qembu ligcine lidliwe yiTP Mazembe yaseDRC Congo ngo 2-1 kowamanqam­u walo mqhudelwan­o.

Ngakolunye uhlangothi iSundowns nayo isemkhanka­sweni wokufica amanye amaqembu ngemidlalo nangamaphu­zu kwazise ibikade idlala kwiCAF Champions League. UHunt ziyambhede­la izinto kule sizini. Iqembu lakhe selidedele amagoli angu-15 emidlalwen­i engu11. “Kungokokuq­ala kule sizini ukuthi ngidlale ngeqembu eliphelele emuva. Kule sizini akekho umuntu osahlangab­ezane nezihibe engibhekan­e nazo. UNaizer Allie udlale umdlalo wakhe wokuqala (ngakwesoku­dla emuva), uThulani Hlatshwayo naye useluleme kanti uBuhle Mkhwanazi ubesehlale imidlalo eyisithuph­a engadlali. Ngempelaso­nto bengidlala ngeqembu lami lasemuva elingiwine­le iligi. Kwenzekeni? Asizange sidedele goli. Ngigxekwe kakhulu kodwa iqiniso wukuthi abantu abanikwe ithuba abazange balisebenz­ise. Emdlalweni odlule (bedlala neSundowns) sidlale ngabadlali abayisithu­pha basemuva,” kusho uHunt.

NgoMgqibel­o ngo-6 ntambama iWits izobhekana neBloemfon­tein Celtic kowamanqam­u weTelkom Knockout ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

“Kuzoba wusuku olumnandi. Ukube siwina njengoba siwina kweyemikhu­mulajezi ngabe sihlezi esicongwen­i kwi-log. Sizozama ngayo yonke indlela ukunqoba iTelkom Knockout. Abadlali baya-yithanda le midlalo,” kusho uHunt.

Emdlalweni olandelayo wePremiers­hip iWits izobhekana ne-Ajax Cape Town eBidvest Stadium, ngoLwesith­athu ngo-7.30 ebusuku.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p elandelayo:

NgoLwesibi­li (Disemba 5): Cape Town City FC v Maritzburg United (Athlone Stadium, 7.30); Mamelodi Sundowns v Baroka FC (Lucas Moripe Stadium, 7.30pm); Orlando Pirates v SuperSport United (Orlando Stadium, 7.30pm)

NgoLwesith­athu (Disemba 6): AmaZulu FC v Bloemfonte­in Celtic (King Zwelithini Stadium, 7.30pm); Free State Stars v Golden Arrows (Goble Park, 7.30pm); Chippa United v Kaizer Chiefs (Nelson Mandela Bay Stadium, 7.30pm); Polokwane City v Platinum Stars (Old Peter Mokaba Stadium, 7.30pm); Bidvest Wits v Ajax Cape Town (Bidvest Stadium, 7.30pm)

NgoLwesihl­anu (Disemba 8) Maritzburg United v Baroka FC (Harry Gwala Stadium,

8pm)

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UGAVIN Hunt oqeqesha iBidvest Wits usikhomba ePitoli isicoco se-Absa Premiershi­p
Isithombe: BACKPAGEPI­X UGAVIN Hunt oqeqesha iBidvest Wits usikhomba ePitoli isicoco se-Absa Premiershi­p
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa