Isolezwe

Ukhule ezifela ngomculo ohlabene

- NOKUBONGWA PHENYANE

INSIZWA ecula umculo wokholo yaseMzimkh­ulu, esukumise cishe wonke umuntu obesemcimb­ini wamaCrown e-ICC ngeSonto ngesikhath­i icula ingoma ethi Singenise, ithi okwenzeke kuyo kuseyisiqa­lo.

UJumbo ogama lakhe langempela uLwando Nyangiwe (26), uhambe nendondo yengoma yonyaka kulo mcimbi.

Ujabulise abaningi enandisa kusaqhubek­a umcimbi, waphinde wawuvala eqeda kuthatha indondo yakhe.

Enkulumeni abe nayo neSolezwe uthe ukucula bekuyinto yakhe esakhula njengoba wayengasal­i emaqenjini esicathami­ya nawokholo ngakubo.

“Ngiqeda isikole ngisebenze ezitolo ezidayisa ukudla. Ngemuva kwalokho ngisebenze emakhazeni kamfowethu. Ngize ngangena emculweni ngo-2014. Ngahlala noSgwili ngacula naye siya ezindaweni ezahlukene,” kuchaza uJumbo.

Uthe kungalesi sikhathi lapho ahlangana khona noDumi Mkokstad, owamfaka enkampanin­i aqopha kuyo manje, iTop Class Production.

“Sahlangana noDumi kodwa saphinde sadukelana. Sahlangana ngoDisemba emcimbini woKhozi FM iNyusi Volume. Ngo-2015 wangibiza saxoxa ngokuqopha umculo,” kusho uJumbo.

Uthe baya eGoli, ngonyaka odlule bakhipha i-albhamu yakhe ethi Siyaya.

“Le ngoma engiwine ngayo kumaCrown ikhona kule albhamu enezingoma ezingu-11,” kuchaza yena.

Uthe ukuwina kulo nyaka kumjabulis­ile njengoba kuzoshints­ha izinto eziningi empilweni yakhe.

“Umculo wami unesigqi sebandla laseWeseli okudalwa wukuthi ngikhulele kulona kodwa manje sengisindi­siwe,” kuchaza yena.

Uthe uzimisele ukusebenza nabaculi abahlukene okukhona kubo uProfessor, Khuzani neSpirit of Praise.

 ?? Isithombe:DOCTOR NGCOBO ?? UMCULI wokholo uJumbo osanda kuhlabana ngendondo yengoma yonyaka emcimbini wamaCrown Gospel Music awards akade engeSonto eThekwini
Isithombe:DOCTOR NGCOBO UMCULI wokholo uJumbo osanda kuhlabana ngendondo yengoma yonyaka emcimbini wamaCrown Gospel Music awards akade engeSonto eThekwini
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa