Isolezwe

Imangaze abaningi iVuma FM yenyusa ngesivinin­i izibalo

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMSAKAZO oshiye abantu abaningi bekhexe imilomo kuphuma izibalo zabalaleli ngokwedlul­e ezaveza ukuthi unabalalel­i abangu-34 000, umangaze abaningi izibalo zakamuva ziveza ukuthi sewunabala­leli abangu-134 000, okusho ukukhula ngesivinin­i. IVuma FM ike yehlelwa abalaleli ekubeni inabasakaz­i abanohlonz­e okubalwa kubo uDJ Sbu noMathumo Manaka. Njengamanj­e ekuseni inoMakhosi Khoza noZandile Dladla, olandelwa nguVanessa Marawa kanti ntambama banoTrevor Phillips obekwiGaga­si FM. Okuphawule­kile ngesikhath­i yenza izinguquko ngaphansi kukaPearl Sokhulu ongumphath­isiteshi, ishintshe umculo yaphinde yacacisa ukuthi ngobani abalaleli bayo. Uzomkhunju­lwa uPearl esusa phansi iGagasi FM elibeke esicongwen­i.

UTee Van Heerden okhulumela lo msakazo uthe, ukukhula kwezibalo kubajabuli­se kakhulu. Uthe kubasizile ukulalela abalaleli, okuyibona ababatshel­ile ukuthi bafunani.

“Abalaleli balo msakazo sebeyakwaz­i manje ukuxhumana nathi ezinkundle­ni zokuxhuman­a ezehlukene, ngisho noWhatsApp, esibona ukuthi iyona into esisize kakhulu ekukhuleni kwezibalo,” kusho uTee.

Uthe izibalo zakamuva zikhombisa ukukhula njengoba zifinyelel­e ku-148%.

Omunye umsakazo okhombise ukukhula iGagasi FM, ebelehlelw­e ngabalalel­i. Like lahlala isikhathi eside linabalale­li abangu-1.8 million. Kwathusa kakhulu ukwehlela kwalo ku-1.3 million.

Ezibalweni zokugcina zalo nyakaiGaga­si lifinyelel­e ku-1.5 million.

Umsakazo omkhulu kuleli uKhozi FM kusuka ngoEphreli wehlelwe ngabalalel­i. UKhozi ekuqaleni konyaka beluhleli ku-7.5 million, kodwa manje luku-7.2 million.

Lulahlekel­we ngabalalel­i abangu-365 000. Okwenzeke kuKhozi kucishe kufane nokwenzeke kuMetro FM nayo eyehlelwe abalaleli bayo. Imisakazo yomphakath­i Izwi Lomzansi neNongoma FM, ikhombise ukukhula kakhulu.

Isolezwe lizamile ukuthola uKaizer Kganyago okhulumela imisakazo yakwaSABC ukuthi aphawule ngezizathu abacabanga ukuthi yizona ezenze behlelwa yizibalo kodwa ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a nomyalezo ashiyelwe wona ugcine engawuphen­dulanga. UMKHWANAZI UCHITHA EYOKUYA KWI-PIRATES Sibongisen­i Petros Shezi: Ave ecika umuntu ophika into eyiqiniso njengalena. Siyazi vele ukuthi uKhoza uyakudinga kuPirates futhi useqedile ukukhuluma nawe nekilabhu okuyona osekusele nje ukuza kuPirates.

Manqoba Sgadla: Asishodi emuva, sishoda ngomgadli kuphela thina, angezi ngoba uzokhuhla ibhetshi.

Mfoloz’emnyama Ikhethabaw­eli: Vele asimdingi uyaboza, sineme ngalaba badlali bethu.

ITHEMBA NGOSHWELE KWABADONSA UDILIKA JELE

Mzoh-zn Zwane: Angiboni ukuthi umbono omuhle lowo. Ababoshwa abaqede isigwebo sabo ngoba bashiya umonakalo la ngaphandle.

Kholiwe Xaba: Baze babahle bo. Umuntu ushimile kanti amadoda ayadonsa emajele.

Smanga Zulu: Ohhe! Umuntu engathi kungcono ayozakhela umuzi wakhe ngaphansi kolwandle uma kunje. Babona ukuthi lezi zigebengu zisibulala kancane kungcono bakhiphe imigulukud­u engenanemb­eza manje izosiqotha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa