I-ANC isimoshe izigidi igqigqa ezinkantolo
EZOKUNGCEBELEKA INDLELA YOKUPHILA EZEMIDLALO
I-ANC KwaZulu-Natal isichithe ngaphezulu kuka-R2 million igqigqa ezinkantolo ngecala lombango wobuholi njengoba inkantolo yaseMgungundlovu yanquma ngoSepthemba nonyaka ukuthi ubuholi obakhethwa engqungqutheleni yango-2015 bufana nento engekho.
Lokhu kuvezwe nguNobhala wale nhlangano izolo, uMnuz Super Zuma, ngemuva kokuba sigodliwe isinqumo senkantolo mayelana nokuthi ubuholi obukhona kumele buphume yini ehhovisi.
Uhlangothi olwayisa i-ANC enkantolo lufuna isigungu esiholwa nguMnuz Sihle Zikalala siphume ehhovisi nakuba sisadlulise isinqumo senkantolo sangoSepthemba.
“Sesisebenzise ngaphezulu kuka-R2 million sigqigqa ezinkantolo ngaleli cala. Uma ubheka abafake icala uyazibuza ukuthi imali engaka bayithathaphi. Kunomkhankaso wokuyisa i-ANC ezinkantolo, eFree State bebesenkantolo, Northern Cape bayiswa enkantolo manje naseKZN sigqigqa ezinkantolo. Lokhu kuyakutshengisa ukuthi kukhona abantu abafaka imali ukuze baphazamise i-ANC ngokuyiyisa ezinkantolo,” kusho uZuma.
Uthe kulele emajajini amathathu, ijaji uPiet Koen, Charmaine Balton noMahendra Chetty abelalele icala ukuthi anqume ukuthi asidedela nini isinqumo kulolu daba.
UZuma uthe bazodlulela kwenye inkantolo uma kungukuthi isinqumo siyabachitha.
UMnuz Lawrence Dube, owayisa i-ANC enkantolo, uthe unethemba ukuthi isinqumo senkantolo sizovuna bona.“Sinethemba lokuthi isinqumo sizovuna thina, asithukile. Sifuna baphume ehhovisi njengoba inkantolo yanquma ukuthi imiphumela yengqungquthela yangoNovemba 2015 iyinto engekho,” kusho uDube.
Uthe uma ubuholi besifundazwe budlulisa isinqumo senkantolo buzobe busenza eminye imizamo yokuhlala ehhovisi bungaphumi.
IPhini likaNobhala jikelele we-ANC, uNksz Jessie Duarte obethunywe yisigungu esiphezulu sale nhlangano ukuzokweseka ubuholi besifundazwe, unqabile ukuphawula.
“Angikwazi ukuphawula ngihlukanise inhlangano,” kusho uNksz Duarte.
Kodwa ukhulume nabaholi bazona zombili izinhlangothi abonakale ebaxhawula.
Ummeli we-ANC u-Adv Greg Harpur uthe uma kukhishwa abaholi be-ANC, uZuma (Super) uzolahlekelwa ngumholo ngoba usebenza ngokugcwele.
Ummeli wabafake icala, u-Adv Thembeka Ngcukaitobi, uthe akusho ukuthi uma uZuma ephuma akanayo enye indlela yokuthola umholo njengoba bengazange bachaze ukuthi akanazo ezinye izindlela athola ngazo imali.
“Inkantolo yanquma ukuthi ingqungquthela ifana nento engekho ngakho isigungu esikhona kumele siphume. Asinalo ilungelo lokuqhubeka sibe sehhovisi,” kusho uNgcukaitobi.