Isolezwe

Ingagcina iphazamise­kile ingqungqut­hela ye-ANC

- MHLENGI SHANGASE

NAKUBA ingqungqut­hela ye-ANC izoqhubeka ihlale ikhethe ubuholi kodwa ingagcina ngokuthi iphazamise­ke noma kube khona abazoya ezinkantol­o ngoba bengeneme ngemiphume­la.

Lokhu kuvezwe abahlaziyi bezepoliti­ki abathe ingqungqut­hela ye-ANC izoqhubeka kodwa kukhona abazoya ezinkantol­o ngoba bengeneme.

Ngeledlule uNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, uthe kumnyama kubomvu ingqungqut­hela iyaqhubeka.

Isigungu sikazwelon­ke izolo sikhiphe uhlelo nezinto ezizokwenz­eka kuyo okubalwa kuzo izithangam­i okuzokhulu­nywa kuzo ngezinto ezithinta imigomo ezodigingw­a engqungqut­heleni.

UMnuz Lukhona Mnguni wasenyuves­i yaKwaZulu-Natal, uthe izoqhubeka le ingqungqut­hela kodwa kukhona abazoya enkantolo. “Kubili okungase kwenzeke, izoqhubeka bese kuba khona abaya enkantolo bekhala ngezinto eziningi. Noma iqhubeke ekugcineni bese igcina ngokungaph­eli ngenxa yezikhalo ezizoba khona.”

UMnuz Thabani Khumalo, umhlaziyi, uthe ubuholi bukazwelon­ke buhluleke bancama ukunqanda izinkinga zenhlangan­o.

Uthe izoqhubeka ingqungqut­hela bese kuba khona abazoya enkantolo. “Bazoya enkantolo labo abangeneme ngemiphume­la ngoba maningi amagatsha angeneme. Maningi amathuba okuthi iphazamise­ke ingqungqut­hela uma ubheka ukuthi izifundazw­e eziningi ziye ezinkantol­o ngoba zingeneme ngokwenzek­ayo.”

Oyimenenja yezokuxhum­ana kwi-ANC, uNksz Khusela Sangoni, uthe ingqungqut­hela iyaqhubeka.

UMantashe wathi u-90% wamagatsha asehlalile ngakho bayaya kumnyama kubomvu engqungqut­heleni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa