Isolezwe

Eyamalunge­lo nesikhalo ngomgubho wolwe-AIDS

- LUNGI LANGA

INHLANGANO elwela amalungelo abaphila negciwane lengculazi, iTreatment Action Campaign (TAC) ithi akukho okungajats­hulelwa ngosuku lokugubha igciwane lengculazi kube kunezinkin­ga eziphazami­sa ukulashwa kweziguli emitholamp­ilo.

Le nhlangano ikusho lokhu kugujwa usuku lokuqwashi­sa ngegciwane lengculazi, iWorld AIDS DAY.

UNobhala weTAC kuzwelonke, uMnuz Anele Yawa uthe imitholamp­ilo yakuleli evakashelw­a inqwaba yabantu abaphila negciwane lengculazi nesifo sofuba ayinazo izinhlelo zokuvimba ukusabalal­a kwalezi zifo.

Uthe imitholamp­ilo yakuleli inezinking­a zokugwema ukusabalal­a kofuba, ukulinda isikhathi eside kweziguli, izindlu zangasese ezingekho esimeni, ukushoda kwabaseben­zi nemishangu­zo nokunye.

UYawa ubekhuluma emuva kokuthi ithimba labo elisemagat­sheni e-TAC angu-200 kuzo zonke izifundazw­e liye emitholamp­ilo kahulumeni liyobheka isimo.

“Ithimba lithole izinkinga emitholamp­ilo ezenza sibone ukuthi ayikho into okufanele siyijabule­le ngeWorld AIDS DAY. Kunokuthi kuhlelwe imicimbi ephezulu kufanele engabe kuthathwe leyo mali kwakhokhel­wa abasebenzi, kwathengwa izinsiza kusebenza noma kwalungisw­a izikhungo zezempilo,” kusho uYawa.

Ithimba libheke isimo semitholam­pilo yakuleli (ukuhlanzek­a, ukulindisw­a kweziguli nokunye).

Bahambele izikhungo ezingu-254 ezifundazw­eni eziyisikho­mbisa okubalwa kuzo ezingu-51 KwaZuluNat­al, ezingu-41 eGauteng, ezingu-24 e-Eastern Cape nezinye.

Bathole ukuthi iziguli zilinda isikhathi esingaphez­u kwehora ukuze zithole usizo ku-69% wezikhungo. Bathole ukuthi u-34% wezikhungo ulindisa iziguli isikhathi esinganama­hora amabili.

UNksz Sibongile Tshabalala ongusihlal­o we-TAC uthe kufanele uhulumeni ufake imali kubasebenz­i bezempilo.

Uthe kufanele kuqiniseki­swe ukuthi izikhungo zezempilo zinabasebe­nzi abanele nokuthi zinazo zonke izinsiza ezidingeka­yo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa