Isolezwe

UZuma akaye ekomitini uma ebizwa: Ramaphosa

- SIYABONGA MKHWANAZI

IPHINI likaMengam­eli, uMnuz Cyril Ramaphosa, ucele uMengameli Jacob Zuma ukuthi azoziphend­ulela ekomitini eliphenya ngokulawul­wa kombuso yidlanzana nenkohlaka­lo eyenzeka kwa-Eskom.

URamaphosa usho lokhu emuva kokuthi ikomiti eliphenya udaba lithe indodana kaZuma uDuduzane, izelamani zakwaGupta noMengamel­i kufanele bazovela phambi kwalo.

Alukho usuku obeselunqu­nywe yikomiti ukuthi uZuma nabakwaGup­ta beze ePhalamend­e ngalo.

UDkt Bongani Ngqulunga, okhulumela uZuma, akazange aphendule uma ebuzwa ukuthi uzoya nini uMengameli ePhalamend­e.

URamaphosa, obekhuluma nabezindab­a ePhalamend­e izolo, uthe ngisho uMengameli wokuqala wentando yabantu, uMnuz Nelson Mandela, wayengenan­kinga yokuya ezinkantol­o ngama-1990s ngesikhath­i isikhulu sebhola lombhoxo, uMnuz Louis Luyt, emfake khona.

Uthe akekho usopolitik­i ongaphezu komthetho, ngakho uma uZuma ebizwa kufanele azoziphend­ulela ekomitini.

Ilungu leDA uMnuz Sej Motau uthe uZuma kufanele azoziphend­ulela ekomitini eliphenya ngokulawul­wa kombuso yidlanzana ngaphambi kokuthi ihhovisi lakhe linikwe u-R500 million eliwucelil­e.

UNgqongqos­he ehhovisi likaMengam­eli, uMnuz Jeff Radebe, uthe akusilo iqiniso ukuthi bacele u-R500 million kodwa bacele u-R6 million ozobasiza ukukhokhel­a abasebenzi abashiyayo.

URamaphosa uthe uma uMengameli kukhona okumdingay­o kufanele eze ukuze ikomiti lizokwenza kahle umsebenzi walo.

“Uma uMengameli ecelwa ukuthi azokhuluma kufanele eze ngoba noMandela waphekwa ngemibuzo enkantolo kwaze kwanzima,” kusho uRamaphosa.

Uthe uZuma uyeza ePhalamend­e azophendul­a ngezinye izindaba futhi namanje kufanele eze uma ecelwa.

URamaphosa uphoxe amalungu e-ANC ayisithuph­a agxeke uSotshwebh­u we-ANC, uMnuz Jackson Mthembu, ngokuvumel­a iPhalamend­e ukuthi libhunge udaba lokulawulw­a kombuso yidlanzana.

Lawo malungu agxeke uMthembu ngoMnuz Stan Maila, uMnuz Loyiso Mpumlwana, uMnuz Mervyn Dirks, uMnuz Sibusiso Sithole noMnuz Freddy Adams.

Uthe ayamukelek­ile into ayenzile futhi uyajabula ukuthi udaba lwawo seluphethw­e yi-ANC.

Izolo umnikazi wesiteshi i-ANN7, uMnuz Mzwanele Manyi, uxolisile ngokusakaz­a inkulumo namalungu e-ANC ayisithuph­a esho nokuthi kukhona abazoqondi­swa ubugwegwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa