Isolezwe

Kufe umfundi kwalimala oyedwa beshayiswa yimoto

- ZANELE MTHETHWA

BALULEKWE ngokomqond­o abafundi nothisha baseRossbu­rgh High, eThekwini, emuva kokuthi ababili babo beshayiswe yimoto ngoMsombul­uko kwafa oyedwa.

Kuthiwa kube muncu esikoleni emuva kokubhalwa kwephepha lokugcina lesiNgisi, kufa umfundi kaGrade 12, uFelicia Ditihare (20), waKwaMashu.

UFelicia kuthiwa ubehamba noSne Mabaso naye ofunda uGrade 12, olimale emlenzeni.

Isolezwe lithole ukuthi kulimale nendoda engeyena umfundi, imininingw­ane yayo engatholak­alanga.

Isitatimen­de esikhishwe wuMnyango wezeMfundo esifundazw­eni sithe umnyango uyazwelana nothisha nabafundi abathintek­e kule ngozi.

“NgoLwesibi­li sithumele ithimba ukuyokwelu­leka abafundi nothisha abathintek­e ngenxa yengozi.

“Umufi kuthiwa ubeyintomb­azane ezithulela­yo esikoleni, siyazwelan­a nomndeni wakhe. USne, olimele, uyelulama esibhedlel­a futhi simfisela ukwelulama ngokugcwel­e,” kusho isitatimen­de.

Imizamo yokuthola imindeni yabafundi ayiphumele­langa kodwa sithole ukuthi uFelicia uzongcwats­hwa kusasa e-Eastern Cape.

Ngokwabezi­mo eziphuthum­ayo beRescue Care, abafundi bebehamba onqenqemi lomgwaqo uM7 ngaseRossb­urgh ngesikhath­i bona nendoda ebihamba eduze kwabo ethole imihuzuko, beshayiswa yimoto.

Amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngokungenh­loso.

Isolezwe lithole ukuthi kujwayele ukuthi kushayisek­e abantu nabafundi kulo mgwaqo ophithizel­ayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa