UDhlomo uyale abafundi eCuba
UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo usenxuse abazali bezingane ezifundela ubudokotela eCuba ukuthi bazikhulekele.
UDhlomo ubekhuluma nabazali bezingane ezihanjiswe nguMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe ukuyofundela ubudokotela kuleliya zwe.
Uthe izingane zibhekene nengcindezi enkulu njengoba zifunda ezweni elikude nasekhaya, zingenazo izihlobo zazo eduze futhi zibhekene nezingqinamba eziningi. Ubekhuluma emuva kokuthi eye eCuba ukuyobheka abafundi bakuleli emasontweni amathathu adlule.
“Izingane zenu ngiyile ngayozibheka emasontweni amathathu adlule. Okufanele nikwazi ukuthi ziyafunda futhi zizimisele, kanti zizibona njengabantu asebenqobile,” kusho uDhlomo.
Uveze ukuthi yize iningi lezingane ezingu-900 zakulesi sifundazwe ezithunyelwe kuleliya zwe ziziphethe kahle, zikhona lezo ezikhombisa ukuba buthaka.
Ubalule izigameko ezahlukene okubalwa kuso esomfundi okumanje ululamela kuleli emuva kokugwazwa ngomunye umfundi waseFree State othunyelwe eCuba ngohlelo lwakuleli okuthiwa baba nengxabano naye okusolwa ukuthi babephuzile.
UDhlomo uveze ukuthi kunabafundi abeqisayo ophuzweni nathe lokhu kubuye kubadalele izinkinga.
“Akufanele kube sengathi bonke abafundi abangu-900 esibathumele eCuba baphuza utshwala, bakhona labo abanenkinga. Ngifike ngakhuluma nabo ngabayala – ngibabuza ukuthi bazoziyala kanjani iziguli zabo ukuthi zingabhemi nokuthi zingaphuzi uma zikwenza,” kusho uDhlomo.
Uthe kukhona nabafundi ababuyile ngezizathu ezahlukene. Kulaba kukhona abane abaxoshiwe ngenxa yokungenzi kahle ezifundweni zabo, oyedwa oqoke ukuyeka, abathathu abebekhulelwe, abathathu ababuye ngoba begula.
Labo abazibuyele noma ababuye ngoba behlulwa ukufunda kulindeleke ukuthi bayikhokhe imali abafundiswe ngayo njengoba bekulindeleke ukuthi bayikhokhe ngokuthi basebenze njengodokotela phansi koMnyango wezeMpilo.
Uveze ukuthi kunabafundi bakulesi sifundazwe abangu-262 okulindeleke ukuthi babuye ngonyaka ozayo.
Uthe laba bafundi bazotshalwa ezikhungweni ezahlukene ezisemakhaya.