Kuboshwe ababili ngezibhamu eMsinga
AVUNDULULE izibhamu ezingekho emthethweni eMsinga amaphoyisa ngesikhathi enomkhankaso wokulwa nobugebengu kule ndawo izolo.
Kuboshwe abasolwa ababili abaneminyaka engu-48 no-60 ngokuphatha izibhamu ezingekho emthethweni.
Kuthiwa amaphoyisa e-cluster yaseMzinyathi ebambisene nawophiko lokulwa nodlame emphakathini eMgungundlovu agasele emzini oseMaqeleni athola isibhamu i-9mm nezinhlamvu ezingu-15 nomagazini we-R5.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Thembeka Mbele uthe kuboshwe indoda eneminyaka engu-60 kulo muzi.
Uthe kuyiwe komunye umuzi amaphoyisa athola i-9mm enezinhlamvu ezingu-14. Kuphinde kwatholwa nesibhamu esikhulu i-308 nezinhlamvu eziyisithupha.
Kutholwe nesibhamu i-303 nezinhlamvu ezingu-11 namamagazini e-R5 amabili nezinhlamvu ezingu-19. Kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-48.
Amaphoyisa athe njengoba sekusondele isikhathi sikaKhisimusi afuna ukuqeda zonke izibhamu ezingekho emthethweni ukuze kugwemeke ukubulawa kwabantu nobunye ubugebengu.
Khona manjalo, ngoLwesibili amaphoyisa aKwaZulu-Natal, esebenzisana ne-National Intervention Unit (NIU) abophe “izinkabi” eziyisithupha ezisolwa ngamacala ehlukene.
Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-34 no-52 kusolwa ukuthi basebenza kulesi sifundazwe naseGoli kanti basolwa ngamacala okubulala abantu, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe, ukuqhumisa ama-ATM, ukubulala amaphoyisa nokubulala osomatekisi.
Laba babsolwa baboshwe ngaphandle kwaseRichards Bay, batholwe behlome shi ngezibhamu eziyisikhombisa ezingekho emthethweni.
Lezi zibhamu zizoya kohlolwa ukuze kuzobonakala ukuthi yimaphi amacala ezike zasetshenziswa kuwo.