Isolezwe

Abafuni kuphele nge-Essence Festival

- BHEKI MBANJWA

OSOMABHIZI­NISI namaciko abebekwiEs­sence Festival eThekwini, banxuse uMasipala weTheku ukuthi uqhubeke nokuyising­atha ngoba ayabonakal­a amagalelo ayo.

Lokhu kuvele emhlanganw­eni wekomiti lesigungu esiphezulu kumasipala lapho bekukhona uDJ Sox, usomabhizi­nisi uMnuz Bheka Luthuli noNkk Dumile Cele oyisikhulu esiphezulu seDurban Chamber of Commerce.

UMnuz Phillip Sithole, oyiBamba leMenenja emkhakheni wezomnotho kumasipala, uthe nonyaka i-Essence Festival ifake uR219 million emnothweni.

Uthe kudaleke amathuba omsebenzi amasha angu-1 409, kwagcinwa nangu-616 abevele ekhona phambilini.

Uveze nokuthi umcimbi wanonyaka ube yimpumelel­o kakhulu uma kuqhathani­swa nonyaka odlule.

USithole uthe bangu-153 572 abantu ababe yingxenye ye-Essence nonyaka uma kuqhathani­swa nabangu-88 907 bangonyaka odlule, yafinyelel­a kwabangu-64 million kwamanye amazwe ngenxa yezinkundl­a zokuxhuman­a nezinye izindlela zokukhangi­sa.

USithole uthe yize le festiveli ihambe kahle, zikhona nezindaba ezimbi ezibikwe ngayo okwenze ukuthi bangabatho­li abanye abaxhasi bayo.

Uveze ukuthi ifestiveli ivulela iTheku amathuba okuheha abatshaliz­imali.

Ubuye wathi iTheku lisethuben­i lokuthola uxhaso lukaR15.5 billion indaba yalo esadingidw­a abatshalim­ali base-United States of America (USA) noLuthuli.

“Indaba yalolu xhaso yadingidwa kwi-Essence yangonyaka odlule okusho ukuthi nayo iwumphumel­a wokuhle okulethwa yilo mcimbi,” kusho uSithole.

ULuthuli utshele ikomiti ukuthi ifestiveli imvulele amathuba okusebenzi­sana nosomabhiz­inisi baphesheya okubalwa usaziwayo wase-USA uSteve Harvey.

Uthe maningi amathuba amabhizini­si eThekwini futhi iTheku lingafana neCape Town uma lenza kahle.

“Siyayeseka kakhulu i-Essence ngoba ivulele amaciko akuleli amathuba ishintsha nempilo yawo. Isinika ithuba lokushiyel­ana inkundla namaciko aphesheya okwenza umsebenzi wethu waziwe nakwamanye amazwe,” kusho uDJ Sox.

UNkk Cele uthe bazimisele ukuyeseka i-Essence ukuze iTheku lihlomule emnothweni.

UMnuz Zwakele Mncwango okwikhokha­si yeDA ubuze ukuthi kungani iTheku lichitha izigidi zemali limema amaciko aphesheya ekubeni lingaziqal­ela into yalo ngaphandle kwawo?

USithole uthe bawakhatha­lele amakhono abakuleli njengoba engu-145 amaciko ahlomulile. Uthe ukumema amaciko aphesheya kwenzelwa ukuthi iTheku laziwe nakwamanye amazwe.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? KUNCONYWA amagalelo e-Essence Festival emnothweni wakuleli. UMnuz Phillip Sithole oyiMenenja ebambile kwezomnoth­o kuMasipala weTheku uchaze ngokubalul­eka kokuletha amaciko aphesheya njengoBish­op TD Jakes obekhona kweyanonya­ka
Isithombe: FACEBOOK KUNCONYWA amagalelo e-Essence Festival emnothweni wakuleli. UMnuz Phillip Sithole oyiMenenja ebambile kwezomnoth­o kuMasipala weTheku uchaze ngokubalul­eka kokuletha amaciko aphesheya njengoBish­op TD Jakes obekhona kweyanonya­ka
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa