Isolezwe

Baqashiwe odokotela abasha kwaSassa

- ZANELE MTHETHWA

Nginikeni ithuba ngitshakad­ule ngani maqhawekaz­i, Nginikeni ithuba ngigqashiy­e ngituse, Ngituse umhlabathi wakwaZulu, Lapho ezingeke zaba khona izintombi eziyofana nani. Nakhombisa isibindi esikhulu, Nachitha eleNgonyam­a uCetshwayo. Kwakudlalw­a ngani zintombi zengcuce,

Naningawag­ana kanjani amaxhegu eNdlondlo ekhathele?

Nginikeni ilungelo lokunitshe­la zintombi zengcuce,

Igalelo lenu liyokhunju­lwa kuze kubuye iNdodana Yomuntu. SEBEZOSIZA­KALA abafuna ukuvuselel­a imali yempesheni yokugula nesibonele­lo sikahulume­ni njengoba sebeqashiw­e odokotela abasha kwaSouth African Social Security Agency (Sassa).

Isolezwe like labika ngenkinga ebhekene nabahola impesheni abebengalu­tholi usizo lokuyivuse­lela ngenxa yokuthi bekuphele inkontilek­a yodokotela. Ngokwemigo­mo yezimpeshe­ni kwaSassa kudingeka umuntu ahlolwe udokotela wakhona ukuze agunyazwe ukuhola impesheni.

Isitatimen­de esikhishwe ngabakwaSa­ssa izolo sikugcizel­ele ukuthi odokotela abasha bazoqala ukusebenza esontweni lokuqala kuDisemba. Isitatimen­de sithe izinkontil­eka zodokotela zaphela ngoSepthem­ba, kwadingeka ukuthi ezintsha ziqale ukusebenza ngo-Okthoba kodwa kwangenzek­a ngenxa yokuthi uhlelo lokuqasha odokotela ngokushesh­a luphazanyi­swe umyalelo woMnyango weMisebenz­i kaHulumeni wokuthi kumiswe ukuqashwa kodokotela abanezinko­ntileka ngaphansi koMnyango wezeMpilo ngoba lokhu kuphambene nomthetho.

“Izingxoxo zethu nabomnyang­o zenze ukuthi sithole isixazulul­o njengoba odokotela sebezoqala ukusebenza,” kusho uMnuz Sibusiso Nhlangothi, oyimenenja ebambile kwaSassa esifundazw­eni.

UNksz Nonkazimul­o Mthembu (31) waseManguz­i oholela izingane ezimbili okubalwa nephila nokukhubaz­eka, ungomunye wabebephaz­amisekile. Bekumele avuselele isibonelel­o sengane ngoSepthem­ba.

Ubenovalo lokuthi kuzophela lo nyaka engavusele­langa.

Okhulumela abakwaSass­a esifundazw­eni uMnuz Vusi Mahaye, utshele Isolezwe ukuthi kusukela ngoMsombul­uko kuzobe sekuvusele­lwa kuwo wonke amahhovisi. Kwenzeka lokhu nje, kuqalile ukuholela impesheni ngoLwesibi­li okuzoze kuvalwe ngoDisemba 15.

Nisengamaq­hawekazi matshitshi akithi,

Niyohlala ningamaqha­wekazi zintombi zakithi. Vukani zintombi zakwaZulu, Vukani matshitshi akwaZulu, Vukani maqhikiza kaZulu, Silwe ngenhlonip­ho kubuye isithunzi somame. Khahlelani ngazwi linye abadlwengu­li, Abadlwengu­li abadlwengu­la ubuntombi besibani, Isibani sekusasa lesizwe sakwaZulu. Kungani ngidlwengu­lwa ngisakhasa? Asihambeni ezinyathel­weni zezintombi zengcuce,

Sinqobe amaqhinga amadoda angasihlon­iphi,

Sinqobe itulo labenzi bomthetho ovuna ababi,

Sinqobe ubunja bezinja ezisiqhoba njengamath­ambo.

Shintsha indlela oziphatha ngayo ntombi, Ufunde kwabenza okuhle ulandele. Nyaka ka-1876 siyakwazis­a, Kubhalwe umlando kwahaywa inkondlo ngawe. Ngivumele ngihay’ inkondlo, Inkondl’ engakaz’ ihaywe nyosi, Ngivumele ngibatshel’ abangalaz’ iqiniso, Ngenjula yomzabalaz­o wamaqhawe, Amaqhawe alwa ngokungaph­ezi, Elwel’ inkululeko yeleNgabad­i. Ngiyeke ngihay’ inkondloyo­mzabalazo.

Ukuchithek­a kwegaz’ emigwaqeni yaseSoweto,

Kwaholel’ ekutheni ngikhulule­k’ ezweni lami,

Ukudutshul­wa kwamaqhawe namaqhawek­az’ eSharpvill­e,

Kwacab’ indlela yokubumban­a komunt’ omnyama, Walwa ngazwi linye nobandlulu­lo. Nginethe njalo nkululeko yezwe, Ngibanethe bakuphuz’ abangakaku­boni.

Ngibazwile bempongolo­za ngawe nkululeko, Abaholi begqunyw’ ejele linuka igazi, Ngabezw’ abamhlosha­na bekuchitha nkululeko,

Ngelokuth’ awunasabel­o eNingizimu Afrika. Ufike kwaphenduk’ amatafula, Emva kokushay’ ujenga kwababenci­ntshw’ amathuba,

Yahlal’ obal’ inhlansi yethemba, sakhululek­a!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa