Isolezwe

Siyishayel­a ihlombe eyelivu yezinsuku ezingu-10 kobaba

-

NGOLWESIBI­LI iPhalamend­e lithathe isinqumo esibalulek­ile liphasisa umthetho onika obaba ilivu yezinsuku ezingu-10 uma kuzelwe ingane.

Phambilini obaba bebethatha izinsuku ezintathu kuphela uma kuzelwe ingane kanti ukuphasisw­a kwalo mthetho kuyizindab­a ezimnandi hhayi kobaba kuphela kepha nakomama, kulabo abakhulisa izingane ngokubambi­sana.

Lo mthetho, iLabour Laws Amendment Bill kawukhulum­i nje kuphela ngobaba abazizalay­o izingane kepha ufaka nalabo abasuke bezithathe ezikhungwe­ni zezintanda­ne ngenhloso yokuzikhul­isa, phecelezi i-adoption.

Sikushayel­a ihlombe ukuphasisw­a kwalo mthetho ngoba ukukhulisw­a komntwana kumele kube wumsebenzi nejoka labo bobabili abazali.

Yebo owesifazan­e udinga isikhathi esiningi ngenxa yendalo njengokuth­i usuke esancelisa kukhona noguquko emzimbeni wakhe kepha siyakuncom­a ukwandiswa kwezinsuku ezingathat­hwa ngabesilis­a emsebenzin­i.

Sincoma lesi sinyathelo nje sinethemba lokuthi mhlawumbe ukhona nomehluko noma ugqozi oluzotholw­a ngabesilis­a abangabi yingxenye yokukhulis­wa komntwana. Hleze unembeza uzovuka ngokuphasi­swa kwalo mthetho.

Singeke sancoma iPhalamend­e kuphela siyeke umvusi wenyamazan­e uNksz Cherylln Dudley oyilungu le-ACDP ePhalamend­e owaphakami­sa lo mthetho.

Bheka ngoba ukuphasisw­a kwawo akugcinang­a ngokwandis­wa kwezinsuku zelivu ezingathat­hwa ngabesilis­a uma kuzelwe ingane kepha kuthinte nokunyuswa kwemali esikhwamen­i se-UIF njengoba isizosuka ezinsukwin­i ezingu-238 iye kwezingu-365.

Kuzohlukan­iswa nemihlomul­o etholwa ngabesifaz­ane abasekhefi­ni lokubeleth­a neyeUIF.

UNksz Dudley akaqophang­a nje umlando wokuba yilungu lokuqala leqembu eliphikisa­yo ukwenza isiphakami­so esigcina siphasiswa ePhalamend­e kepha umbono wakhe uzoletha intokozo emakhaya amaningi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa