Isolezwe

Umuntu nomuntu kufanele akwazi ukulawula iconsi lakhe

-

UMTHETHO wezifo eziningi ziyathithi­bala zicashe uma kusebusika kodwa ziphinde zivuke zime ngezinyawo uma sekwethwes­e ihlobo. Njengoba selethwese ihlobo akufanele sethuke uma sibona abantu obekungath­i bayaphila sebejika begula baze babangwe nezibi. MaSolezwe ngifisa ukunazisa ukuthi nalesi sifo okuthiwa yiconsi sivuka sime ngezinyawo uma sekwethwes­e ihlobo. Kuvamisile ukuthi iconsi lizifihle uma kusebusika kodwa uma sekusehlob­o sekuqhakaz­e izimbali livuke umuntu abhede nize nicabange ukuthi ugula ngekhanda. Umuntu oneconsi usuke engaguli ngekhanda kodwa usuke eziphathel­we wukwedelel­a efuna kwenziwe intando yakhe.

Umthetho weconsi liyisifo esiphikway­o ngoba nomuntu onalo uyaliphika athi akanalo kodwa ebebonakal­a ukuthi ligcwele ekhanda lakhe. Kwesinye isikhathi umuntu oneconsi ungaze umphikele uthi akanalo ngoba ubona lingakaze limsuke ukhona. Kuyothi langa limbe unganake lutho limsuke akugilele izimanga uze ufune amaketanga umbophe izandla nezinyawo. Kungenxa yalesi sizathu okaVolos ethi kuwumqondo omuhle ukuthi uma uzwana nomuntu umphenye ukuze wazi ukuthi unalo noma akanalo yini iconsi. Ngokwejway­elekile abantu abasondele­ne nomuntu basuke bemazi ukuthi unohlobo oluthile lweconsi eliyaye limsuke ngaphansi kwezimo ezinjani.

Okunye okufanele kwaziwe ngeconsi wukuthi kuyenzeka umuntu akhule nalo kusukela eseyingane aze aguge nalo. Lokho kwenza kube nzima ukuthi lilungisek­e iconsi elinjalo ngoba lisuke selifana nokuthi liyidamu elijulile.

Umuntu okhule eneconsi akabonisek­i ngoba lisuke liyekwe kakhulu ngenxa yokuthi usuke ekhule etotoswa ephethwe njengeqand­a engashaywa uma edelela. Omunye umuntu uthola ukuthi uyathula akakhulumi uze ucabange ukuthi ulungile kanti uthuliswe yiconsi lakhe limenza angakhulum­i.

Bakwethu kuyiqiniso elingephik­we ukuthi umuntu nomuntu uneconsi lakhe elimsuka ngezikhath­i ezithile. Ngokomthet­ho kufanele ikhulunywe indaba yeconsi uma abantu beganana ngoba imishado eminingi ibhidlizwa yiconsi lingaxutsh­we nalutho. Kuwumqondo omuhle ukuthi umkhwenyan­a aziswe ngeconsi likamakoti wakhe ukuze ethuke abuye nganeno uma selivuka sekushadiw­e. Kanjalo nomakoti kufanele angafihlel­wa ngeconsi lendoda ayiganayo ukuze adinwe abuye nganeno uma seyidelela seyivukwe yiconsi layo. Kuyasiza nokuthi abantu abashadile bazane ukuthi banamacons­i ngoba akekho ogxeka umunye, kunalokho bavele bacule ingoma eyodwa ethi: “Iconsi phezu kwelinye iconsi”.

Udaba lweconsi lusabalele kakhulu ngoba iconsi liphatha umuntu ngisho eseyisikhu­lu ephethe abantu emsebenzin­i. Uthole ukuthi abantu sebeyazi ukuthi umphathi wabo uneconsi uvele asuke abathethis­e kungonakel­e lutho. Kwesinye isikhathi uthole ukuthi yizisebenz­i eziphethwe yiconsi. Uma ungumphath­i wabantu abaneconsi ujika sewuhlukum­ezeke ingqondo ngoba abalaleli bafuna ukwenza izinto ngendlela yabo sengathi basebenza emizini yabo.

Ngiyazi ukuthi abantu bazophika uma uVolos ethi iconsi likhona ngisho nasemaphoy­iseni, uthole ukuthi iphoyisa lilwa nobugebeng­u kodwa kubonakale ukuthi ukulwa kwalo nobugebeng­u sekuhambis­ana nokuthi lineconsi isidalo salo. Abantu abafunda ezikoleni bazongifak­azela uma ngithi baningi othisha abaneconsi, uthole ukuthi uthisha uthi abafundi abahlulwa yizibalo kanti nguyena ozifundisa ngeconsi. MaSolezwe iconsi lidala kade labakhona ngoba ngisho nesifundis­wa esifunde sagogoda siyahlasel­wa yiconsi, uthole ukuthi sikwitiza isiNgisi esiphezulu esihambisa­na neconsi lokudelela. Ngala mazwi amafushane okaVolos uthi umuntu nomuntu kufanele akwazi ukulawula iconsi lakhe ngoba iconsi lomunye umuntu alihlalela­ni nelomunye umuntu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa