Abagawule babheke abalesi sitolo KwaHlabisa
MHLELI: Ake ngiphawule la kwelakho elingashayi eceleni. Ngisuswa yile nto ebuhlungu futhi edinayo eyenziwa wuBoxer wala KwaHlabisa.
Phezu kokuba kusemakhaya futhi okunezinga eliphezulu labantu abangasebenzi kodwa lesi sitolo asiwucabangeli umphakathi.
Ngizoqala ngamathuba emisebenzi ababethembise ukuwadalela amalungu omphakathi ukuze kwehle izinga labantu abangasebenzi.
Awekho la mathuba futhi noma kufuneka abasebenzi betoho awaziswa umphakathi, ubona ngabantu abasuka koNongoma nakwezinye izindawo ezikude sebesebenza ngaphakathi, nakhu phela umphathi wakhona naye kungesiye owendawo.
Kungani kubasebenzi bakhona bebabili kuphela abasebenzi abakhele uMasipala iBig 5 Hlabisa abasebenza kulesi sitolo?
Nakhona selokhu savulwa baseyitoho kodwa abasuka kwezinye izindawo babhaliswa basebenze ngokugcwele befika ngakho kodwa nje?
Ikhansela eliphathiswe kwiward lapho kukhona idolobha lizithulele nje ngale nto ekubeni kuwukuxhaphaza izakhamuzi zaKwaHlabisa lokhu ngoba yizo ezichitha imali yazo zithenga kulesi sitolo. Yingakho sibanjwa inkunzi mihla namalanga ngoba abasebenzi bakhona abanendaba nathi ngoba emadolobheni angakubo akwenzeki lokhu.
Bese kuba yile ndaba yendali kuso lesi sitolo. Bengiyothenga isitofu kulesi sitolo ngosuku lweBlack Friday, ngasifica kodwa kwathiwa asikho endalini ekubeni ephepheni eliphume kwiphephandaba kubhalwe ukuthi sikhona.
Ufica emaphephandabeni kukhishwe iphepha lendali kodwa uma ufika kulesi sitolo kuthiwe akusiyona eyakhona leyo ndali, udayiselwe ngemali ejwayelekile ekubeni ezinye zezimpahla ezikuleli phepha zibe zikhona endalini yabo.
Uthi uma ukhala kuthiwe phela uBoxer Punch lo, indali eyoBoxer Supertrade, Boxer Supermarket, njll.
Ingabe iCompetition Commission iyakuvuma lokho?
Sazi ukuthi uma igatsha elithile lesitolo lingenayo leyo ndali kuyabhalwa ukuthi ayitholakali kuleli gatsha kodwa hhayi impahla ibe ikhona kulelo gatsha. Kuwukukhuthuza umphakathi ovele uhlwempu lokhu.
Ngingasayiphathi-ke eyeCustomer Care and Services, kuphambana kakhulu nayo ngoba isho ukuphathwa nokunakekelwa kahle komthengi nokuphathwa ngokulinganayo kwabathengi.
Uma-ke lesi sitolo singayilungisi le nto, noma umasipala nekhansela bengalulungisi udaba lwalezi zitolo zala KwaHlabisa, sizogcina singene emgwaqweni sizivale ngoba zixhaphaza umphakathi ontulayo. Bakhumbule abaphathi ukuthi isisu esilambile asiwazi umthetho.