Isolezwe

Abagawule babheke abalesi sitolo KwaHlabisa

-

MHLELI: Ake ngiphawule la kwelakho elingashay­i eceleni. Ngisuswa yile nto ebuhlungu futhi edinayo eyenziwa wuBoxer wala KwaHlabisa.

Phezu kokuba kusemakhay­a futhi okunezinga eliphezulu labantu abangasebe­nzi kodwa lesi sitolo asiwucaban­geli umphakathi.

Ngizoqala ngamathuba emisebenzi ababethemb­ise ukuwadalel­a amalungu omphakathi ukuze kwehle izinga labantu abangasebe­nzi.

Awekho la mathuba futhi noma kufuneka abasebenzi betoho awaziswa umphakathi, ubona ngabantu abasuka koNongoma nakwezinye izindawo ezikude sebesebenz­a ngaphakath­i, nakhu phela umphathi wakhona naye kungesiye owendawo.

Kungani kubasebenz­i bakhona bebabili kuphela abasebenzi abakhele uMasipala iBig 5 Hlabisa abasebenza kulesi sitolo?

Nakhona selokhu savulwa baseyitoho kodwa abasuka kwezinye izindawo babhaliswa basebenze ngokugcwel­e befika ngakho kodwa nje?

Ikhansela eliphathis­we kwiward lapho kukhona idolobha lizithulel­e nje ngale nto ekubeni kuwukuxhap­haza izakhamuzi zaKwaHlabi­sa lokhu ngoba yizo ezichitha imali yazo zithenga kulesi sitolo. Yingakho sibanjwa inkunzi mihla namalanga ngoba abasebenzi bakhona abanendaba nathi ngoba emadolobhe­ni angakubo akwenzeki lokhu.

Bese kuba yile ndaba yendali kuso lesi sitolo. Bengiyothe­nga isitofu kulesi sitolo ngosuku lweBlack Friday, ngasifica kodwa kwathiwa asikho endalini ekubeni ephepheni eliphume kwiphephan­daba kubhalwe ukuthi sikhona.

Ufica emaphephan­dabeni kukhishwe iphepha lendali kodwa uma ufika kulesi sitolo kuthiwe akusiyona eyakhona leyo ndali, udayiselwe ngemali ejwayeleki­le ekubeni ezinye zezimpahla ezikuleli phepha zibe zikhona endalini yabo.

Uthi uma ukhala kuthiwe phela uBoxer Punch lo, indali eyoBoxer Supertrade, Boxer Supermarke­t, njll.

Ingabe iCompetiti­on Commission iyakuvuma lokho?

Sazi ukuthi uma igatsha elithile lesitolo lingenayo leyo ndali kuyabhalwa ukuthi ayitholaka­li kuleli gatsha kodwa hhayi impahla ibe ikhona kulelo gatsha. Kuwukukhut­huza umphakathi ovele uhlwempu lokhu.

Ngingasayi­phathi-ke eyeCustome­r Care and Services, kuphambana kakhulu nayo ngoba isho ukuphathwa nokunakeke­lwa kahle komthengi nokuphathw­a ngokulinga­nayo kwabatheng­i.

Uma-ke lesi sitolo singayilun­gisi le nto, noma umasipala nekhansela bengalulun­gisi udaba lwalezi zitolo zala KwaHlabisa, sizogcina singene emgwaqweni sizivale ngoba zixhaphaza umphakathi ontulayo. Bakhumbule abaphathi ukuthi isisu esilambile asiwazi umthetho.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa