Isolezwe

Ngihlabeke umxhwele ngezivivin­yo

-

Lucky Mthethwa KWAHLABISA MHLELI: Ngifisa ukudlulisa izincomo zami njengoba kade kubhalwa izivivinyo zokuphela konyaka.

Kungihlabe umxhwele ukubona umsebenzi usingathek­e ngendlela kusukela kuqalile ukubhalwa kwezivivin­yo kuze kube isekugcine­ni ngoba akukho okubi okubikiwe okuthikame­ze ukuhlolwa kwabantwan­a bethu KwaZuluNat­al. Impela kuyaphawul­eka ukuthi uMnyango wezeMfundo ophethwe nguNgqongq­oshe uMthandeni Dlungwane ubuqhuba wona umkhuba wawo omuhle wokubheka nokuqinise­kisa ukuthi akukho gcobho okhona ongathikam­eza umsebenzi omkhulu nobaluleki­le nongadingi ubudedengu kepha ukuqaphela.

Ngithanda ukubonga zonke izinhlaka ezisebenzi­sane nomnyango kusukela unyaka uqala kuze kube yimanje futhi kungithoko­zisile ukuzwa ukuthi konke kuhambe kahle kwangaba khona izimpi zezigodi eziphazami­se ukubhala, impela konke bekubhekwe ngelokhozi.

Kuzokhumbu­leka ukuthi nyakenye kwaba nezimvula nezimpi lapho izikhulu zomnyango zazingatho­li kuphumula zibhula umlilo ezindaweni ezahlukene esifundazw­eni nalapho umphathisw­a wezemfundo wazifikela mathupha kwezinye zezikole eyokhuza umhlola.

Ikhwelo elahlatshw­a umfo kaMathaba uMpitikezw­e lazwakala impela ngenkathi enxenxa izinhlaka zonke ezakhele imiphakath­i ukuba zisondele eduze ekuvikelen­i izikole nabafundi ukuze kusebenzek­e kahle, ekusho lokho engaqali madoda. Akekho obengaboni ukuthi ibibanjwe khona ishisa. Pho sizothi sifunani?

Ngeke ngakhohlwa ukubonga abafundi ngendlela abaziphath­e kahle ngayo eKZN, bakhombise ukulalela nenhloniph­o eyisimanga ngakho-ke ngiyethemb­a ukuthi bazovuna izithelo ezinhle. Thandanani Zuma

EMSUNDUZI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa