Isolezwe

Bahlukunye­zwa ukukhala kwabaminza­yo

- LUNGI LANGA

BAHLUKUNYE­ZWA wukuhlale bezwa ukukhala kwabantu abaminza edamini lakwaMbona­mbi elibulale izingane ezine abakhelene nalo.

Izakhamuzi zaseMabhuy­eni ezakhe eduze kwedamu okuminze kulo izingane ezine zithe sezikhathe­le ukuhlukuny­ezwa izikhalo zabantu abasuke beminza kuleli damu. Leli damu kuthiwa lakheka ngemuva kokushiywa komgodi okwakumbiw­a kuwo inkwali wagcina ugcwale amanzi.

NgoMsombul­uko kuminze izingane ezine, ezimbili kuzo ezingamawe­le, u-Ayabonga no-Ayathanda Mthembu (10) abebenza uGrade 5, eManzimpof­u Primary , umfowabo omncane uQiniso “Qini” Mchunu (6) obenza uGrade R esikoleni esisodwa nomakhelwa­ne wabo u-Asande Dube (13) obenza uGrade 7 eLubana Primary. Kuthiwa ziminze zizama ukutakulan­a emuva kokuthi eyodwa yazo ingene edamini yaminza. Kusinde izingane ezimbili ezibaleke sezibone abangani bazo beminza.

UNksz Luyanda Dlamini ongomunye wezakhamuz­i ezakhelene nedamu uthe bazizwa izingane zikhala njengoba bezwakala nabanye abasuke bekhala beminza. “Izingane zalapha ekhaya zeza zazosho ukuthi sekwenzeke­ni. Izingane zalapha ekhaya ziyazi ukuthi akubhukudw­a lapha ngoba abantu bayaminza. Ziyasho ukuthi zazizikhuz­a lezi zingane zizibona zingena emanzini ngaphambi kokuthi kubekhona eziminzayo. Baningi abantu esike sibezwe bekhala ngoba beminza edamini. Bafika bezobhukud­a bese beminza. Ngathi kukhona into ebadonsayo. Nathi kuyasihluk­umeza lokhu okungangok­uthi kade sasithi alisuswe leli damu,” kusho uNksz Dlamini.

Uthe ngesikhath­i kwenziwa isiphakami­so sokuthi lisuswe idamu kwabakhona abakhala ngokuthi bayaliding­a ukuphuzisa izinkomo zabo.

UMnuz Sthembiso Tembe owakhe eduze kwedamu uthe wayengekho endlini esesitolo ngesikhath­i kuminza izingane. Uthe wathola ucingo lumbikela ukuthi kunezingan­e esezingene edamini. UTembe uthe waphuthuma eyobheka wafica sekukhona abantu ababekake idamu kodwa zingabonak­ali izingane. Uthe bathinta amaphoyisa nabezimo eziphuthum­ayo, balinda zaze zakhishwa.

Uveze ukuthi kunabantu abasebenzi­sa leliya damu ukwenza izinto zesintu njengoba ethe bake bafice izinkukhu eziphilayo kokunye bafice ezifile.

“Kokunye sizwa abantu bememeza singazi noma abantu abadinga usizo noma abantu abasuke bezokwenza izinto zabo. Kokunye sizwa abantu sebekhala ngakusasa ekuseni ngoba sebebona izingubo – sibone ukuthi kukhona ominzile. Siyafisa engathi lingasuswa idamu ngoba akukho elisisiza ngakho,” kusho uTembe.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? UMNUZ Sthembiso Tembe owakhe eduze kwedamu elidlule nemiphefum­ulo yezingane ezine eMabhuyeni, KwaMbonamb­i echaza ngokuminza kwabantu kuleli damu
Isithombe: ZANELE ZULU UMNUZ Sthembiso Tembe owakhe eduze kwedamu elidlule nemiphefum­ulo yezingane ezine eMabhuyeni, KwaMbonamb­i echaza ngokuminza kwabantu kuleli damu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa