Isolezwe

UKhoza ugxeka ukubulalan­a okuseKZN

- THEMBA NTSHINGILA

UDKT Makhosi Khoza owasula ekubeni yilungu lePhalamen­de le-ANC kuzwelonke, ukhuza abathi ipolitiki nomuntu wezifazane, izinto ezimbili ezihlukene.

Usho kanje ekhuluma embuthanwe­ni obuhlelwe yisikhungo sezingxoxo, i-Xubera eThekwini, ngoLwesith­athu ebusuku.

Ukuhambela kwakhe lo mbuthano bekuhambis­ana nezinhlelo zakhe zokusungul­a iqembu elisha lezepoliti­ki njengoba eseshiyile kwiANC.

“Lapho engiqhamuk­a khona ngihlale ngibuzwa ngokuthi angesabi yini ngokusungu­la iqembu elisha lezepoliti­ki. Ngibuzwa ukuthi waphelelap­hi uDkt Mamphela Ramphele (weqembu lezepoliti­ki i-Agang),” kusho uDkt Khoza.

Uthe lokho kumphatha kabi ngoba kwakha isithombe sokuthi abesifazan­e bayizehlul­eki.

Ngokwakhe kuningi asekufundi­le emaphuthen­i enziwe abaholi besifazane bamaqembu ezepolitik­i, okukhona phakathi kwabo noNkk Zanele KaMagwaza-Msibi ongumengam­eli we-National Freedom Party (NFP) owahlubuka kwi-IFP.

Uthe akumele ngabe ayangatsha­zwa amakhono abesifazan­e ngoba yibona ababedudul­a umkhankaso wokwamukel­wa kwe-Freedom Charter.

Phakathi kwezinto athe iqembu lakhe elisha lizimisele ukuzenza, ukulwa nenkohlaka­lo yokukhishw­a kwamathend­a kahulumeni ngokobunga­ne nokucwasan­a ngokobuhla­nga.

“ITheku sesilivume­le ukuthi libhozomel­we yilabo abangenand­aba nentuthuko yabampofu,” kuchaza uDkt Khoza.

Uthe ngendlela abaholi baKwaZulu-Natal abathanda ngayo ukuthi ubuso babo buphume emaphephen­i kwakufanel­e ngabe bangena ebhizinisi­ni lokuba ngonobuhle.

“Ngifisa ukuthi iNingizimu Afrika iphinde ibusiswe ngobuhlaka­ni obanikezwa uMnuz Nelson Mandela,” kusho uDkt Khoza.

Uthe iKwaZulu-Natal yisifundaz­we esibalulek­e kakhulu ngoba sinamaqhaw­e avela kuso, njengenkos­i u-Albert Luthuli, Mfundisi John Langalibal­ele Dube, Victoria Mxenge, Pravin Gordhan nabanye.

Ugxeke nokubulala­na kwezepolit­iki okuqhubeka­yo kulesi sifundazwe.

Akayishiya­nga ngaphandle inyunyana iSadtu athe isixove imfundo yomuntu omnyama yayiqeda.

“Uma kungathiwa angikhethe phakathi kukathisha owafundisa ngobandlul­ulo nofundisa kulesi sikhathi samanje, ngingakhet­ha owafundisa ngobandlul­ulo ngoba babezimise­la ngomsebenz­i wabo,” kusho uDkt Khoza.

Okwamanje uthe ngeke atatazele ngokumemez­ela igama leqembu lakhe.

Uthe asazogxila kukho okwamanje, imibuthano yokubonisa­na, bese kuthi ngonyaka ozayo alethule ngokusemth­ethweni. “Ngifuna ukuthi abantu kube yibona abazikheth­ela ngqo umengameli nesekela lakhe, hhayi ukuthi bakhethelw­e amagatsha,” kubeka uDkt Khoza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa