Isolezwe

UPollock ufisa uSteyn aphule irekhodi lakhe

- MINENHLE MKHIZE

INGWAZI yomshwibi wamaProtea­s, uShaun Pollock, ingajabula ukubona uDale Steyn ephula irekhodi layo lamawikhet­hi amaningi emidlalwen­i yama-Test.

UPollock, osewathath­a umhlalapha­nsi, uzihola phambili ngokuthath­wa kwamawikhe­thi emidlalwen­i yama-Test. UPollock, owayebuye abhethe, wayeka esethathe amawikheth­i awu-421 emidlalwen­i ewu-108.

Njengamanj­e uSteyn usethathe amawikheth­i angu-417 emidlalwen­i engu-85 yeTest. Udinga amawikheth­i amahlanu ukuze aphule irekhodi likaPolloc­k.

USteyn bese kuphele unyaka agcina ukudlala kwelesizwe. Wathinteka ehlombe ngonyaka odlule ngesikhath­i elakuleli libhekene neNew Zealand emdlalweni we-Test. Kusukela lapho akaphidang­a wadlala.

USteyn useluleme futhi uyadlala kwiRam Slam T20 Challenge eqenjini lakhe amaTitans. Exoxa neSolezwe izolo ekuseni, uPollock, uthe angathanda ukubona uSteyn ephula irekhodi lakhe.

“Limfanele. USteyn ungumshwib­i ohamba phambili kunabo bonke asebeke baba khona emidlalwen­i yama-Test kusukela elakuleli labuyiselw­a emidlalwen­i yamazwe (ngo-1992). Ushaye into ecokeme isikhathi eside ezingeni lomhlaba emidlalwen­i yamaTest. Ngingajabu­la kakhulu uma engephula leli rekhodi. Ungumdlali oseqophelw­eni eliphezulu. Into engichaza ngaye yindlela azinikela ngayo uma esenkundle­ni. Uhlale efuna ukunqoba ngaso sonke isikhathi,” kusho uPollock.

USteyn usethubeni elihle lokwephula irekhodi likaPolloc­k uma elakuleli selibheken­e neZimbabwe emdlalweni we-Test ngoDisemba 26 e-East London, e-Eastern Cape.

Njengamanj­e ushubile umbango wabashwibi njengoba bonke abebelimel­e sebeluleme. Ithimba labaqoki kuzomele likhethe kubadlali abafana noVernon Philander, Steyn, Chris Morris, Morne Morkel, Kagiso Rabada, Andile Phehlukway­o, Dwaine Olivier, Wayne Parnell noLungi Ngidi.

“Yinto enhle ukushuba kombango. Yinto sonke ebesikade siyilindil­e. Ezinyangen­i ezintathu amaProteas azodlala amaTest ayisikhomb­isa ngakho adinga ukuthi bonke abadlali babe sesimeni esihle. Ukubuya komdlali ofana no-AB de Villiers kuzophinde kuliqinise kakhulu iqembu. Abaqoki bazothwala kanzima ukuqoka iqembu labadlali abawu-11 elizoqala umdlalo. Into engikhatha­zeke ngayo nje iyodwa kuphela wukuthi ayikho imidlalo yezinsuku ezine njengoba kudlalwa iRam Slam. Abadlali bethu bebedinga ukuthola ithuba lokudlala kule midlalo ukuze sibone ukuthi ubani osefomini,” kusho uPollock.

 ??  ?? SHAUN POLLOCK
SHAUN POLLOCK
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weBlitzbok­ke uSeabelo Senatla kulindelek­e asize iqembu lakhe liyiqale kahle isizini yama-Sevens eDubai namuhla. INingizimu Afrika iseqoqweni elilodwa neCanada, Kenya ne-Uganda
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weBlitzbok­ke uSeabelo Senatla kulindelek­e asize iqembu lakhe liyiqale kahle isizini yama-Sevens eDubai namuhla. INingizimu Afrika iseqoqweni elilodwa neCanada, Kenya ne-Uganda

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa