Isolezwe

Uchitha eyokuhlule­ka kwiPirates

- MINENHLE MKHIZE

UCHITHA eyokuhlule­ka kwiOrlando Pirates, uPatrick Phungwayo, othathe isinqumo sokulaxaza iBucs wajoyina iFree State Stars ngoba elambele ukuthola ijezi.

UPhungwayo ubelizwa ngendaba ijezi kweZimnyam­a. Ngakwesoku­nxele emuva bekugiya uThabo Matlaba osedlalisw­a esiswini. Kule sizini ka-2017/2018, kugiya u-Innocent Maele. Le ndawo uyibanga noMarc Van Heerden noNkosinat­hi Mthiyane.

UPhungwayo oseyenze eyakhe indawo yangakwwwe­sokunxele emuva kwiFree State uphikile ukuthi uhlulekile kweZimnyam­a.

“Isikhathi sami neBucks ngisijabul­ele, awukho umzuzu ongazange ungiphathe kahle. Ngikhule kakhulu njengomdla­li ngokuba yingxenye yePirates. Ngicabanga ukuthi asikho isimo sempilo engingeke ngisakwazi ukubhekana naso. IBucks ingenzele izinto ezinkulu njengomdla­li, ngakho ngeke ngithi ngihluleki­le kuyona. Ngijabule ngethuba engilithol­ile. Ngidlale inqwaba yemidlalo yamanqamu nePirates. Ngike ngahlala izinyanga eziyisishi­yagaloluny­e ngingadlal­i ngenxa yokulimala. Ngidlale imidlalo emihlanu yamanqamu kwiBucs. Ngacishe ngathola ngisho inkanyezi (yeCAF Champions League) kodwa ngebhadi inhlanhla yangavuma. Ngangidlal­a ngaleso sikhathi,” kusho uPhungwayo.

UPhungwayo udlale umdlalo wamanqamu weChampion­s League, CAF Confederat­ion Cup, Telkom Knockout, MTN 8 noweNedban­k Cup kweZimnyam­a.

“Bekungeson­a isinqumo esilula ukusuka eGoli ngizoseben­za eFree State. Umndeni wami wonke uyazifela ngePirates. Wonke umuntu ekhaya uhamba nePirates. Bebengayiz­wa kahle indaba yokuthi ngishiye kodwa unkosikazi wami ungesekile. IFree State kodwa ayikude kakhulu naseGoli yize ithe ukuqhela kancane. Ngiyaqala ukuyodlala ngaphandle kwaseGoli uma ngingasiba­li isikhathi engasichit­ha ngidlala eGreece eminyakeni eyedlule. Zonke izinto zami ziseGoli kodwa angizisoli ngokushiya ngoba manje ngivuna izithelo zokukhombi­sa isibindi. Ngidlala njalo okuyinto emnandi.”

Ngeledlule ezakhe zibambane neKaizer Chiefs ngo 1-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, emdlalweni we-Absa Premiershi­p.

“Umqeqeshi uyakholelw­a kimina futhi ngikhula umdlalo nomdlalo. Yibhola leli, abadlali bayafika bahambe. Ngeke uhlale eqenjini elilodwa impilo yakho yonke. Uma sekufike isikhathi sokuthi ubhekane nenselelo entsha empilweni kumele wamukele bese ubhekana nayo. Le nto yenzeka umhlaba wonke. Isinqumo engisithat­hile engingazis­oli ngaso futhi besifanele. Sinesifiso sokuqeda kwiTop 8 futhi silwa usuku nosuku ukusifeza.”

 ??  ?? PATRICK PHUNGWAYO
PATRICK PHUNGWAYO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa