Isolezwe

Abe-PSL abalubhadi kweyoMhlab­a

- LUNGILE MAJOKA

YIZE izikhulu zePremier Soccer League (PSL) zizishaya isifuba ngokuthi eyazo ngenye yamaligi amakhulu e-Afrika kodwa kubonakala isahluleka wukuheha abadlali bangaphand­le abamela amazwe abo ezingeni lomhlaba.

Namuhla eState Kremlin Palace, eMoscow, kuzoqhathw­a amazwe awu-32 azoyibamba kwiNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo eRussia. Umcimbi uzovezwa ngo-5 ntambama kwi-SS3.

I-Afrika izomelwa amazwe amahlanu – Egypt, Tunisia, Morocco, Nigeria neSenegal. Sekuwumlan­do ukuthi iNingizimu Afrika ihluleke yancama ukuya kule ndumezulu yomqhudelw­ano kanobhutsh­uzwayo.

Lokhu kusho ukuncipha kwabadlali abayibamba kwiPSL abazobonak­ala kule midlalo ezoqala ngoJuni 14-Julayi 15. Kusukela yasungulwa iPSL ngo-1996/1997 isimelwe abadlali abangu-34. E-France ngo-1998 babeyisish­iyagalombi­li abeBafana ababedlala kuleli bese kuba noWilliam Okpara owayemele iNigeria.

Ngo-2002 eKorea/Japan kwaba abadlali abayisikho­mbisa beBafana kuphela. Ngo-2006 akukho noyedwa owayekhona kwazise iBafana ayizange ilubhade. Ngo-2010 kube abangu-16 beBafana njengoba yayingosok­haya.

Emqhudelwa­neni odlule ngo2014 iPSL ibimelwe uFatau Dauda noRashid Sumaila baseGhana.

Okwamanje unozinti weChippa United uDaniel Akpeyi waseNigeri­a nomgadli weBidvest Wits, u-Amr Gamal wase-Egypt yibona abanethuba lokuyomela iPSL eRussia.

U-Akpeyi usayibamba emapalini kumaSuper Eagles. Kodwa lo nozinti kuzomele aqinisekis­e ukuthi ifomu yakhe ayehli kwi-United nasemidlal­weni yobungani yeqembu lesizwe yokuzicije­la iRussia.

Usanda kuthwala kanzima ngesikhath­i amaSuper Eagles ebhekene ne-Argentina kowobungan­i. Abanye abalandeli babekhala ngezinga lakhe eliphansi alikhombis­a enza iphutha lokubamba ibhola ngezandla ngaphandle kwebhokisi. UGamal kuzomele abe sefomini enhle phambi kwamapali kwiWits ukuze aqhubeke nokuzithol­ela indawo koFaro. Lokho ngeke kugcine ngokusiza yena abe sendizeni ebheke eRussia kodwa neZitshude­ni zingasizak­ala ngokuthi zingazitho­li zigawulwa yizembe njengoba ziyibambe emsileni kwi-log.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI weNigeria, uDaniel Akpeyi, ngesikhath­i bebhekene ne-Argentina emdlalweni wobungani eFK Krasnodar Stadium, eKrasnodar, eRussia, ngoNovembe­r 14
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNOZINTI weNigeria, uDaniel Akpeyi, ngesikhath­i bebhekene ne-Argentina emdlalweni wobungani eFK Krasnodar Stadium, eKrasnodar, eRussia, ngoNovembe­r 14
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa