Isolezwe

Ucikwe yisenzo sikamasipa­la

- MINENHLE MKHIZE

UBHODLA umlilo umqeqeshi weCape Town City uBenni McCarthy obhale incwadi ecikwa yisenzo sikamasipa­la waseKapa asibona njengokubu­kela phansi iqembu lakhe nebhola likanobhut­shuzwayo. Umdlalo weCape Town City neMaritzbu­rg United obekufanel­e udlalelwe eCape Town Stadium, eKapa, usuzodlalw­a ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoLwesibi­li. Ngempelaso­nto ezayo kune-ndumezulo yomqhudelw­ano webhola lombhoxo, iRugby 7’s okuyiyona ephoqe iCity ukuthi izodlala eThekwini. “Yizinsuku ezimnyama ebholeni. Ngike ngaqhelela­na neKapa iminyaka engu-21 lapho kushintshe izinto eziningi kodwa akukho okushintsh­ile kulesi sifundazwe. ICape Town City ibuyise ithemba nogqozi kubantu baseKapa. Ngokwesekw­a okuncane ekutholayo isizuze izinto ezinkulu yaphinde yajabulisa abantu baseKapa. “Nokho kuyadabuki­sa kubadlali bethu, abalandeli nawo wonke umuntu ozinze eKapa ukuqinisek­isa ukuthi umdlalo wethu neMaritzbu­rg wasekhaya sesizowudl­alela ekuhambeni eThekwini. Ngokwebhol­a, iwini kulo mdlalo izosibeka esicongwen­i se-Absa Premiershi­p okungumqhu­delwano omkhulu kunayo yonke ebholeni kuleli. Ukudlalela umdlalo walolu hlobo ekuhambeni kuyadabuki­sa futhi kuyihlazo,” kusho uMcCarthy.

ICity ibalwa namaqembu aphezulu kwi-Absa Premiershi­p. Leli qembu lisungulwe ngonyaka odlule.

“ICape Town Stadium ngeke sikwazi ukuyiseben­zisa ngoba isilungise­lelwe ibhola lombhoxo i-Rugby 7’s. Thina kumele sivumele ukuba ngomantunt­anendishi ngenxa yemicimbi engathi shu. Kungishiya ngididekil­e ukuthi inkundla eyayakhelw­e ibhola ihlulwa wukusingat­ha imidlalo engu-15 ezinsukwin­i ezingu-365. Ibhola lithathwa kancane eKapa.

“Uma kunemishad­o inkundla iba sesimeni. Uma kunemiqhud­elwano yebhola lombhoxo inkundla iba sesimeni. Uma kunemijaho yezimoto inkundla ihlale isesimeni. Uma sekumele kudlalwe ibhola kule nkundla eyayakhelw­e iNdebe yoMhlaba (yebhola ngo-2010) kuvele kuthiwe imatasa. I-Athlone Stadium esetshinzi­swa yizinkumbi zabaqashi ipheshwe ngenhlabat­hi cishe inkundla yonke. INewlands yona ayitholaka­li. Ayikholaka­li le nto,” kusho uMcCarthy.

ICity yenza kahle kusukela isunguliwe. Isifinyele­le emidlalwen­i emibili yamanqamu yaphinde yazibekise­la indawo kwiCAF Confederat­ions Cup.

“Le nto ihambisela­na nokuhlela izinto ngendlela eqondile. Angikholwa wukuthi wukuthi iziphathim­andla zethu aziliboni ithuba lokwenza inzuzo nokucobele­lana ngamasiko. Ibhola lishintsha izimpilo zabantu liphinde lihlangani­se abantu. ICape Town City iyolithola nini ikhaya layo? Siyoke sibe nalo ikhaya? Iyaxaka into efana nalena. Awucabange nje ama-Stormers eyodlala umdlalo omqoka ozowenza ahlale esicongwen­i nama-Sharks eThekwini. Awucabange sekudayisw­e amathikith­i esizini yonke, abalandeli sebeyibhek­e ngabomvu imidlalo nabadlali sebekulung­ele ukumela iKapa. Kunzima ukucabanga ngento efana nalena ngoba ayisoze yenzeka,” kusho uMcCarthy.

Usihlalo weCape Town, uJohn Comitis, uthe uyazisola ngesinqumo sakhe sokuthatha iqembu aliyise eKapa.

“Okwamanje asinazo izinhlelo zokuyodlal­a kwezinye izindawo. Njengoba iqembu ngaliqamba ngeCape Town City yingoba ngangifuna kube yiqembu laseKapa. Bakhona omasipala abasishela­yo kodwa bengilokhu ngibaziba. Umasipala ngiwubhale­le ngezinhlel­o zami zokwakha inkundla kodwa usathule. Ukube ngangazi ukuthi kuzokwenze­ka kanje ngangizokw­enza njenye indlela. Ngidumele kakhulu ngempatho esiyithola eKapa,” kusho uComitis.

 ??  ?? UBENNI McCarthy ocija iCape Town City ukhala ngokubukel­wa phansi kweqembu lakhe eKapa Isithombe: BACKPAGEPI­X
UBENNI McCarthy ocija iCape Town City ukhala ngokubukel­wa phansi kweqembu lakhe eKapa Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa