Isolezwe

Kubhekwe uMahlasela noKeet koweTKO

- MINENHLE MKHIZE

KUBHEKWE uKabelo Mahlasela weBloemfon­tein Celtic noDarren Keet weBidvest Wits kowamanqam­u weTelkom Knockout phakathi kwePhunya Sele Sele neClever Boys kusasa ngo-6 ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Lokhu kuvele ngesikhath­i Isolezwe likhuluma neqhawe lango-2006 kwiTelkom Knockout, uSimba Marumo, elahlohla amagoli amathathu iSilver Stars ivithiza i-Ajax Cape Town ngo 3-1 kowamanqam­u.

Kuze kube yimanje akekho omunye umdlali oseke washaya amagoli amathathu emidlalwen­i wamanqamu. Empeleni kusukela kwasungulw­a iPremier Soccer League (PSL) ngo-1996/1997 akekho omunye umdlali oseke wahlohla amagoli amathathu emdlalweni wamanqamu.

“ICeltic iyashisa kulezi zinsuku. Kunalo mfana omncane odlala esiswini okuthiwa nguKabelo Mahlasela. Hhayi yinkinga yomuntu leya. Kumele awuqale umdlalo ngoba iCeltc iyawudinga umfutho wakhe. Wenza izinto zenzeke. Uzoba ngukhiye ekuhlakaze­ni udonga lweBidvest Wits. Ngibona kunguyena ozakwakhel­a abadlali abafana noNdumiso Mabena amathuba okushaya amagoli. IWits isiyolanyu­lelwa nguDarren Keets kulo mdlalo kodwa angikuboni okuzoma endleleni yeCeltic,” kusho uMarumo.

Uma uMahlasela noKeet begila izimanga bazolandel­a ezinyathel­weni zabadlali abafana noSithembi­so Ngcobo, Itumeleng Khune, Mabhudi Khenyeza noJoel Mogorosi.

UNgcobo waba yiqhawe leChiefs ngo-2010 ngesikhath­i Amakhosi ebhudluza i-Orlando Pirates ngo 3-0 e-FNB Stadium, eSoweto, eGoli kowamanqam­u weTelkom Knockout. Ngo-2008 uKhenyeza wabhajiswa ezintanjen­i amagoli amabili ngesikhath­i i-Ajax Cape Town ithela othulini i-Orlando Pirates ngo 2-1 kowamanqam­u weTKO, eChatswort­h Stadium, eThekwini.

UKhune waba yiqhawe ngo-2007 evimba amaphenath­i eselimele iChiefs ihlula iMamelodi Sundowns kowamanqam­u kwathi ngo-2012 uJoel Mogorosi washaya igoli elawinela iCeltic isicoco.

“Ngilindele ukuthi iWits idlalele emuva bese ithembela ekuhlasele­ni sakuzumisa. Ngeke kube umdlalo olula. Ngeke ngithuke uma ungaya esikhathin­i esengeziwe,” kusho uMarumo.

IWits yagcina ukunqoba lesi sicoco ngo-1995. Umqeqeshi wayo uGavin Hunt akakaze ayinqobe le ndebe.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKABELO Mahlasela weBloemfon­tein Celtic ungomunye wabadlali okubhekwe ukuthi bahluphe iBidvest Wits emdlalweni wamanqamu weTelkom Knockout ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, kusasa, ngo-6 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKABELO Mahlasela weBloemfon­tein Celtic ungomunye wabadlali okubhekwe ukuthi bahluphe iBidvest Wits emdlalweni wamanqamu weTelkom Knockout ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, kusasa, ngo-6 ntambama
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa