Kubhekwe uMahlasela noKeet koweTKO
KUBHEKWE uKabelo Mahlasela weBloemfontein Celtic noDarren Keet weBidvest Wits kowamanqamu weTelkom Knockout phakathi kwePhunya Sele Sele neClever Boys kusasa ngo-6 ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Lokhu kuvele ngesikhathi Isolezwe likhuluma neqhawe lango-2006 kwiTelkom Knockout, uSimba Marumo, elahlohla amagoli amathathu iSilver Stars ivithiza i-Ajax Cape Town ngo 3-1 kowamanqamu.
Kuze kube yimanje akekho omunye umdlali oseke washaya amagoli amathathu emidlalweni wamanqamu. Empeleni kusukela kwasungulwa iPremier Soccer League (PSL) ngo-1996/1997 akekho omunye umdlali oseke wahlohla amagoli amathathu emdlalweni wamanqamu.
“ICeltic iyashisa kulezi zinsuku. Kunalo mfana omncane odlala esiswini okuthiwa nguKabelo Mahlasela. Hhayi yinkinga yomuntu leya. Kumele awuqale umdlalo ngoba iCeltc iyawudinga umfutho wakhe. Wenza izinto zenzeke. Uzoba ngukhiye ekuhlakazeni udonga lweBidvest Wits. Ngibona kunguyena ozakwakhela abadlali abafana noNdumiso Mabena amathuba okushaya amagoli. IWits isiyolanyulelwa nguDarren Keets kulo mdlalo kodwa angikuboni okuzoma endleleni yeCeltic,” kusho uMarumo.
Uma uMahlasela noKeet begila izimanga bazolandela ezinyathelweni zabadlali abafana noSithembiso Ngcobo, Itumeleng Khune, Mabhudi Khenyeza noJoel Mogorosi.
UNgcobo waba yiqhawe leChiefs ngo-2010 ngesikhathi Amakhosi ebhudluza i-Orlando Pirates ngo 3-0 e-FNB Stadium, eSoweto, eGoli kowamanqamu weTelkom Knockout. Ngo-2008 uKhenyeza wabhajiswa ezintanjeni amagoli amabili ngesikhathi i-Ajax Cape Town ithela othulini i-Orlando Pirates ngo 2-1 kowamanqamu weTKO, eChatsworth Stadium, eThekwini.
UKhune waba yiqhawe ngo-2007 evimba amaphenathi eselimele iChiefs ihlula iMamelodi Sundowns kowamanqamu kwathi ngo-2012 uJoel Mogorosi washaya igoli elawinela iCeltic isicoco.
“Ngilindele ukuthi iWits idlalele emuva bese ithembela ekuhlaseleni sakuzumisa. Ngeke kube umdlalo olula. Ngeke ngithuke uma ungaya esikhathini esengeziwe,” kusho uMarumo.
IWits yagcina ukunqoba lesi sicoco ngo-1995. Umqeqeshi wayo uGavin Hunt akakaze ayinqobe le ndebe.