Isolezwe

Kunzima ukubolekwa imoto uma unegama elibi

-

Yethi! Kuyezwakal­a. Wena-ke awusho uze ngani lay’khaya? “Shuku Ngicela ungichushi­sa lana. Ngabe bayasizaka­la abantu abanegama elingcolil­e uma ufisa ukuqasha imoto lapha ekuye kuqashwe khona izimoto iminyaka emithathu kanjena?”

Wena-ke ufisa amakhosi amahazard akusize ngani namhlanje?

Mmh isikhalo sakho sithi asifane nalezi esingenhla, wena-ke ukhalangan­i? “Shuku Ngijwayele ukufunda ngezelulek­o zakho lapha ephepheni Isolezwe.

Ngifisa ukuphendul­eka mayelana nokuthi bayanikana yini imoto emagaraji (lease) uma ubhajwe ezikweleti­ni noma unegama elingcolil­e, ngiyayicab­anga ngonyaka ozayo”

Athi amakhosi nawe ukhala isikhalo esifanayo. “Sawubona Ngicela ukuchushis­wa endabeni ukuthi ngingayiqa­sha yini imoto uma bengichith­a ekuyitheng­eni?”

Amakhosi ayanizwa balandeli bama hazard amahle. Isikhalo senu sisodwa, sisukela esihlokwen­i esasikhiph­a phakathi nenyanga edlule u-Okthoba lapho sasikhulum­a ngokuqashw­a kwemoto esikhundle­ni sokuyithen­ga. Lapho saveza ukuthi kushibha-shibhile ukuyiqasha kunokuyith­enga saveza ububi nobuhle bakhona kodwa asifikanga ekuchazeni ukuthi umuntu omi kanjani ngakwezezi­kweletu ongathola ukushayela unyanyavu olusha ceke.

Ucwaningo lwama-hazard luxhumane ne-badcredit.org lapho luthole ukuthi kuba lukhuni satshe ukunikwa imoto ngohlelo lokuyibole­ka isikhathi eside uma ucwile ezikweleti­ni futhi unegama elibi. NgokukaMik­e Randal onengosi ku-Badcredit.org nakuba ukuboleka imoto kuyinto eba lula kunokuyith­enga njengoba ithe ukuthamba nangenteng­o kodwa bayasiding­a isiqinisek­iso sokuthi uzokwazi yini ukukhokha nyanga zonke kuze kube kuphela iminyaka emithathu.

Yebo amaphuzu okuqasha imoto athe ukuthamba uma uwaqhathan­isa namaphuzu adingeka uma uzothenga imoto kodwa sizokhumbu­la ukuthi eNingizimu Afrika kube nomthetho oqale ukusebenza phakathi nonyaka ka-2006 lapho bekuphoqwa bonke osomabhizi­nisi abakwelete­la abantu ukuthi babhekisis­e ukuthi bakweletel­a umuntu ozokwazi yini ukukhokha. Lapho kuzanywa ukuvikela wena mthengi. Lolo hlelo luvimba wonke umuntu onegama elibi nokhabathi­se ezikweleti­ni ukuthenga impahla engaphezu kwamandla akhe nokuqashwa kwezimoto kuyabalwa-ke lapho.

Lokhu kufakazelw­e nayingqwel­e endala ekudayisen­i izimoto uMnuz Vusi Mvelase olandise le ngosi ukuthi ngeke uyinuke imoto yomqasho uma unegama elibi. UMvelase uthi akuvumelek­ile ukuthi umuntu onegama elibi anikezwe imoto. Lolu hlelo lokuqashis­wa kwezimoto alusadumil­e manje kodwa kulabo abasalwenz­a luqhutshwa abamagaraj­i athengisa izimoto uqobo hhayi amabhange.

Njengoba izinkampan­i eziningi ezidayisa izimoto zinezinhle­lo zazo zangaphaka­thi ezibolekis­a ngemali kubathengi, nazo-ke zibuswa yilo mthetho obizwa ngeNationa­l Credit Act wango-2006. Noma ngabe u BMW Finance, Ford Finance, VW, Mercedes njalo njalo. Lo mthetho uthi uma ngabe ababolekis­i bakunikeze isikweletu ekubeni unegama elibi noma ngaphandle kokubheka ukuthi uxakeke kangakanan­i, uma ungasakhok­hi ngeke bakwazi ukukumanga­lela imali yabo iyongqwamb­a ngoba kuyobe kusho ukuthi bakuboleke budedengu.

Impendulo yama hazard kubona bonke laba bafundi ithi ngenxa yokuthi ngeke nikwazi ukuthola izimoto amagama esangcolil­e, sebenzelan­i ukugeza amagama enu ngokuthi niqede izikweletu ezinimise kabi. Ikakhuluka­zi njengoba sizoba namabhonas­i masisule izikweletu ikakhuluka­zi lezo esezisifak­e emagameni amnyama siqale unyaka omusha sesihlanze­kile.

Singazami ukunqamule­la ngoba ungazithol­a usuvele ngesicoco obishini lwezinye izikweletu phezu kwezinye. Ngokomthet­ho wezabathen­gi uma usuqedile ukukhokha isikweletu esingcolis­e igama lakho, uvele uhambise ubufakazi balokho kwabagcina imininingw­ane yabathengi bese igama lakho ligezeka ngaphandle kokunanaza. Ngalokho usungakwaz­i ukuthi uyothenga noma uqashe imoto.

Hhayi-ke amakhosi asekhulumi­le ngakho seningabuy­ela emgwaqweni. Nishayele ngokucophe­lela iqalile inyanga kaKhisimuz­i asifune ngozi thina sithi akugcine ngengoma ukuthi omunye phezu komunye hhayi ngoba sesigingqi­ke nezimoto. Uma nifisa siyiqhube le ndaba ngenani ekhasini lethu lakuFacebo­ok othi Igedlela Lami with Sthembiso Shangase. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa