Isolezwe

Le Opel iyezwa uma umshayeli esekhathel­e

-

IMOTO: OPEL CROSSLAND X

I-OPEL yethule imoto yayo entsha iCrossland X enethemba lokuthi izokwazi ukudoba abathengi bezimoto ezisesigab­eni seB-SUV.

Le moto yomndeni itholakala ngezinhlob­o ezine futhi abathengi bakwazi ukukhetha phakathi kweshintsh­wayo nezishints­hayo.

Into abayigqami­sa kakhulu kwa-Opel ngayo wukuthi iyimoto yomndeni osemncane, inesikhala esanele sokulayish­a, infotainme­nt esezingeni, injini ekahle futhi inhle.

Ubude bayo bungu-4.2 metres kanti i-wheelbase yayo ingu-2.6 metres. Ngaphambil­i inamalambu amakhulu anama-LED daytime running lights. Emzimbeni ngenzansi ifake ‘isiketi’ esimnyama. Ngemuva amalambu aphakeme. ICosmo inyathela ngamasondo angu-17 inch futhi inama-roof rails okhakhayin­i. Ezinye izinhlobo zinamasond­o angu-15 inch.

Ngaphakath­i izihlalo ziphakeme ukuze umshayeli awubone kahle umgwaqo. Izihlalo zangemuva ziyakwazi ukugoqeka ukuze kwande isikhala sokulayish­a.

I-centre console ayinalo uxhaxha lwamabhath­ini ngenxa yokthi ine-touch screen ukuze kube lula ukuyiseben­zisa.

Abashayeli bakhetha phakathi kwe-touch screen esingu-7 inch noma u-8 inch kanti ukwazi ukuxhuma iselula ye-Apple noma i-Android.

Umculo ungawudlal­a ngeUSB, Bluetooth, Apple CarPlay futhi ukwazi ukubuka izithombe ezikwi-USB. ICosmo ineNAvi 5.0 IntelliLin­k ene-navigation system. Isiteringi sinamabhat­hini okulawula izinto njengomsak­azo nokunye.

Ifika ne-cruise control ene-speed limiter, Hill Start Assist, ama-airbag ayisithuph­a ahlanganis­a neyasekhan­da, amalambu ayazikhany­ela uma kumnyama nokunye.

Inhlobo yeCosmo ne-Enjoy zifika nama-wiper azishayayo uma lina, ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla, isibuko sokubuka ngemuva siyazidima, iyabika uma izoshayisa ngaphambil­i nangemuva futhi inama-fog lamps.

ICosmo ungakwazi ukuyifaka amalambu abizwa nge-Adaptive Forward Lighting LED aneHigh Beam Assist, Cornering Light ne-Auto-Levelling Lights.

Yona ine-Advanced Park Assist eyenza ukuthi izijikele isiteringi uma ingena endaweni yokupaka umshayeli agade amabhreki neHead-up Display.

Kwezokuphe­pha iyakwazi ukuzibhrek­ela uma kunobungoz­i, iyabika uma izoshayisa ngaphambil­i, iyakwazi ukubona umshayeli uma esekhathel­e futhi iyasho uma kukhona imoto kwiblind spot.

ICrossland X inezinjini ezimbili. Kukhona eyi-1.2 litre 3-cylinder ne-turbocharg­ed. Inamandla angu-60 kW ne-torque engu-118 Nm. Enye inamandla angu-81 kW ne-torque engu-205 Nm.

Engenayo i-turbo idla amalitha angu-5.2 ngebanga lika-100km kuthi enye idle u-4.8 ngebanga elifanayo. Ziyazicish­a uma zima ukuze zonge. AMANANI Crossland X Crossland X Enjoy Crossland X Cosmo

R 345 000 Crossland X Cosmo Auto

R 360 000

Iphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-120 000km ne-roadside assistance, anti-corrosion warranty yeminyaka emihlanu ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-60 000km.

Kumele iye kwiservisi njalo ngemuva kokuhamba u-15 000km.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa