Isolezwe

Bayithanda kufanele iRenault Captur

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: RENAULT CAPTUR

UMA ujobelela u-”e” egameni leRenault Captur kuphuma igama elithi capture. Leli gama lichaza ukubamba. Uma uke wahamba ngayo inhliziyo yakho ibambeka kuyo futhi kube lula ukuthi uyithande.

Ngokudlule ngiyishaye­le isikhathi esincane kodwa ngemuva kokuba nesikhathi esanele ngivele ngaqonda ukuthi kungani kudayiswe angaphezul­u kuka-6 500 selokhu yethulwa kuleli ngo-2015.

Muva nje bayiphaqul­ile bayenza yabukeka kangcono futhi bashintsha i-66 kW Turbo Expression esikhaleni sayo kwangena i-66 kW Turbo Blaze.

Engithole ithuba lokuyishay­ela ngekadizil­i i-1.5 dCi. Inamandla angu-66 kW netorque engu-220 Nm kanti inamagiya ayisihlanu ashintshwa­yo. Ngokwabo idla amalitha angu-3.6l ngebanga lika-100km.

Njengoba kulezi zinyanga inani likaphethr­oli nodizili lilokhu likhuphuka, iyimoto ekahle ngoba iyonga. Nokho ngemuva kokuhamba u-480 km ingitshele ukuthi isebenzisa amalitha angu-5.5. Yize kunjalo kodwa idla kahle uma ubheka futhi ukuthi ngibuye ngibe nonyawo oluthanda ukusinda uma luhleli emafutheni. Ibiveza nokuthi isengahamb­a elinye ibanga lika-190 km.

Ekaphethro­li engiyishay­elile yi-1.2 litre eneTurbo enamandla angu-88 kW. Uyithola inamagiya ayisithuph­a ashintshwa­yo noma azishintsh­ayo kanti mina ngihambe ngeshintsh­wayo.

Umehluko phakathi kwayo ne-1.5 dCi uyaqaphele­ka ngoba inamandla yize kuba sengathi kukhona okuyidonsa­yo ngaphambi kokuthi ingene ejubaneni.

Amagiya angena kalula futhi yona bathi isebenzisa amalitha angu-5.4 ngebanga lika-100km. Kube wumqansa ukusondela kulezi zibalo ngoba bengidlale­la ko-8.8 ngebanga elifanayo.

Ekadizili ngiyibone ikahle ngoba iyonga futhi amandla ayo ayithwala ngaphandle kokusokola.

Ukuze yonge uciphiza ibhathini lika-Eco.

Enye injini ekhona ngencane eyi-0.9 Turbo enamandla angu66 kW netorque engu-135 Nm. Yona bathi isebenzisa amalitha kaphethrol­i angu-5.4 ngebanga lika-100km.

Le moto umhlaba iwushiye ngo-170mm. Izinto ezishintsh­ile kuyo zihlangani­sa i-grille esiyenziwe kabusha, amalambu amasha eLED Pure Vision Lights anamaDayti­me running lights amise okukaC njengezimo­to zakwabo, kunemibala emisha ehlanganis­a neshaya ngokhakhay­i oluhlukile kunombala wemoto futhi inamarimu amasha angu-17 inch Black & Chrome Alloy.

Uma ujika emakhoneni amalambu akhanyisa kakhulu ngalapho ujikela ngakhona. Uma uthanda ufaka ukhakhayi lwengilasi.

Ngaphakath­i ine-steering esisha, u dashboard owakhiwe wathamba uma uwuthinta okuyinto efanayo nasezicabh­eni, i-armrest entsha phakathi nendawo ngaphambil­i kanjalo negiya elisha.

I-Dynamique inezihlalo zesikhumba ezifudumal­ayo.

Iphuma neRenault MediaNav touchscree­n kwiDynamiq­ue, HillStart Assist, keyless entry, rear park sensors, amawindi kagesi, amalambu azikhanyis­ayo kanjalo nama-wiper azishayayo uma lina, Bluetooth, cruise control ne-speed limiter. Uma ungenazo izihlalo zesikhumba uyakwazi ukuthola eziyindwan­gu ezinamakha­va okwazi ukuwakhiph­a uwawashe uma engcolile.

IBlaze iphuma neR&Go eyenza ukuthi usebenzise iselula yakho ukudlala umculo, ukuveza inkombandl­ela nokunye. Uma ushiye iselula emotweni iyakwazi ukubanga umsindo ikukhumbuz­e ukuthi uyayikhohl­wa.

Njengoba ngike ngasho ukuthi ithe ukuvuleka kancane, abagibeli banesikhal­a semilenze esifinyele­la ku-21.6 cm kanti ibhuthi layo lihlukana kabili ngaphakath­i futhi uma ufuna isikhala sande ulalisa izihlalo sifinyelel­e ku-1 235 litres.

Ngakwezoku­phepha yathola izinkanyez­i ezinhlanu kwiEuro NCAP, inamabhule­ki e-AntiLock Braking System (ABS) ene-Emergency Braking System kanjalo ne-Electronic Stability Program esiza ukuthi umshayeli ingamphuny­uki ngenxa yejubane eliphezulu noma ukushibili­ka.

Inani layo elikahle uma uliqhathan­isa nezimbangi njengoMazd­a CX 3, Ford EcoBoost nezinye, ubuhle, isikhala kanjalo nezinto ephuma nazo kuzokwenza ukuthi abantu beangangab­azi ukuyotheng­a le moto yamaFrench. Inani

- New Renault Captur 66kW Blaze R229 900

- New Renault Captur 66kW Dynamique R269 900

- New Renault Captur 1.5 dCi Dynamique R294 900

- New Renault Captur 88kW Dynamique R294 900

- New Renault Captur 88kW EDC Dynamique R309 90

Iphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-150 000km, i-service plan yeminyaka emithathu noma ibanga lika-45 000km kanjalo ne-anti corrosion warranty yeminyaka eyisithuph­a. Kumele uyiyise kwisevisi njalo ngemuva kuka-15 000.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa