I-KZN inezinhlelo zokugwema izingozi
ISIFUNDAZWE iKwaZulu-Natal sizimisele ngokwehlisa isibalo sabantu abalimala ezingozini zomgwaqo njengoba kuqala uDisemba.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha esifundazweni uMnuz Kwanele Ncalane, uthe banezinhlelo ezingqala zokugwema izingozi.
Unikeze abamathiphu abashayeli okumele bawasebenzise nabo ukwehlisa isibalo.
“Okokuqala nje ukuthi kumele babe nezincwadi ezifanele. Okwesibili wukuthi imoto ibe sesimeni esifanele. Naye umshayeli kumele abe sesimeni. Angashayeli ekhathele ngoba ukukhathala kunothelela ezingozini,” kusho uNcalane.
Uthe abashayeli kumele bahloniphe ijubane lomgwaqo.
“Uma sinke singase sishayele ngo-120 km/h noma ngaphansi singacishe sibe nezingozi ezincane kakhulu. Izithuthi zomphakathi azingalayishi ngokweqile futhi akungahlohlwa abagibeli,” kusho uNcalane.
UNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni uMnuz Mxolisi Kaunda ngoLwesibili ubehlangene nabaphathi bamaphoyisa eSAPS, awomasipala nawomgwaqo beyodingida ezokuphepha.
UNcalane uthe isifunda nesifunda kumele sichaze ukuthi yimuphi umehluko esiwenzile ukuqinisekisa ezokuphepha emgwaqeni.
Uthe abashayeli kumele baqonde ukuthi ngalesi sikhathi umthamo wezimoto usuke uphezulu ngakho kubalulekile ukubekezelelana.
“Ubumnandi buphezulu kakhulu futhi kumele babheke abashayeli abaphuzile. Sifuna ukuthi abashayela bephuzile bajeze kanzima kungabi nje ukuthi umuntu uyaboshwa, akhokhe ibheyili bese aphume ngakusasa. Kumele bajeze ukuze bengaphindi. Ungqongqoshe siqu sakhe naye uzobe ehambela ezinye izivimbamgwaqo futhi ekhuluma nabantu ngqo,” kuchaza uNcalane.,
Uthe izimpelasonto yilapho kubhubha khona abantu abaningi.
“Sizama ukuthola ukuthi sibhekana kanjani nazo ngoba zihlale ziyisilonda kithi. Kunendawo esizihlonzile esizokwandisa kuzo amaphoyisa ngoba iqiniso litthi ngisho ngabe ubugijima kanjani kodwa ngokubona iphoyisa uyalinciphisa ijubane. Sizowatshala ngobuningi bawo kuwo wonke amakhona. Emalokishini nasezindaweni zobumnandi zasesiLungwini sizoba nezivimbamgwaqo.”