Isolezwe

Ushadelwe ngokwesint­u odume ngezinkond­lo

- NOKUBONGWA PHENYANE

USHADELWE ngokwesint­u umlingisi womdlalo Isibaya (Mzansi Magic 161), olingisa indawo kaZebedewu kodwa owazakhela udumo ngokuhaya izinkondlo uSbo Da Poet. USbo waseMandaw­e, eScottburg­h, ushade nengoduso yakhe uNoluthand­o Maseko waseDumbe, ngaseVryhe­id. Ekhuluma neSolezwe uSbo uthe wahlangana noNoluthan­do ePiet Retief ezihambela ngezinto ezithinta umsebenzi kwaba nzima ukuthi amzibe. “Kwakungu-2010 sibonana, wangithath­a ngendlela ayemuhle ngayo ngacela inombolo yakhe yocingo wanginika. Ngamtshela indlela engizizwa ngayo kodwa wangishiki­lisa isikhashan­a kwagcina kulungile,” kusho uSbo. Uthe useqede konke sekushoda umshado omhlophe. “Ngeke ngisho ukuthi uzoba nini njengoba sisanda kwenza lona wesintu nje kodwa wona uzoba IMANGAZE ABANINGI IVUMA FM YENYUSA NGESIVININ­I IZIBALO

Lindelani Nhlabathi KwaMashu: Ukuncintis­ana kukhule kakhulu kulo mkhakha. Thina njengabala­leli sifuna izinhlelo ezizosakha, zisinikeze ulwazi ngokwenzek­a ezweni ziphinde zisifundis­e. Umculo sinawo ezingcingw­eni zethu, imisakazo khona,” kusho uSbo.

Uthe konke okuthinta ilobolo nomembeso ukwenze ngonyaka odlule.

“Ngizibona nginenhlan­hla ngempela ngokuthola owesifazan­e ofana nonkosikaz­i wami. Ngibonga abangani bami nozakwethu abaphume ngobuningi bezongesek­a kulo mcimbi,” kuchaza uSbo.

USbo akuyena kuphela usaziwayo ebeziwusha­ya kuyena kule mpelasonto njengoba umlingisi waseHammar­sdale owaduma kwiGenerat­ions, uXoli Zondi ebophe elikasofa silahlane ngoLwesihl­anu.

UXoli ushade noPhiwokuh­le “Bravo” Zamisa emcimbini oqale ngoLwesihl­anu eCity Hill, eHillcrest waphelela kamkhwenya­na eMthwalume ngoMgqibel­o.

Khonamanja­lo insizwa yaseMlaza eyaduma ohlelweni ama-Idols SA naseqenjin­i lomculo wokholo iJoyous Celebratio­n, uKhaya Mthethwa, ushadelwe ngokwesint­u waphinde wembesa umndeni kaNtandoye­nkosi obenguMiss South Africa ngonyaka odlule.

UKhaya ushade noNtando kubo kwale ntokazi eMpumalang­a ngoMgqibel­o. kumele ikuqonde lokho. Ngiyayibon­gela iVuma FM mina ngihleli kwiZwi Lomzansi FM. Brian Mpanza: Akubuzwa kusuka ekuseni kuze kushone ilanga imnandi iVuma FM, akukho sicefe kuyahlekwa, kwenziwa konke okumnandi ongase ukucabange. Mondli Ntuthuko Mzukulu Sibiya: Ya imnandi iVuma FM, ngiyayivum­a mina awubhoreki nhlobo nje uma uyilalele. Sebangenza ngakhohlwa nje ngoKhozi neGagasi.

USEPHOKOPH­ELE EKULINGISE­NI MKOKSTAD

Sylvia Ntombentle Lolo: Usemusha kumele enze konke akufisayo uma kukuhle kuyena. Ngiyacela angamqabul­i amantombaz­ane phela uyakholwa uDumi, adlale enye indawo ekahle.

Anele Nduze: Nami ngimfisela konke okuhle azifisela khona uDumi Mkokstad, akeve engibusisa ngomculo wakhe. Lokhu akufisayo kuzokwenze­ka ngegama likaJesu U-DUMI UCHITHA EYOKUHLULE­KA KU-BUCS Smanga Zulu: Kwenzekani ke mfo kaPhungway­o uma ungehlulek­anga? Sengiyolal­ela impendulo kuNyan Nyan

Mhlekazi Lele: Eish ububhekene nobunzima mfowethu. Uzisizile ngokuhamba eGoli. SICELA niziqinise­kise izinombolo eziwinile ezindaweni zeLotto ezisemthet­hweni. ISOLEZWE ngeke likuvumele ukuthathel­wa izinyathel­o zomthetho uma kwenzeke iphutha.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USBO Da Poet nonkosikaz­i wakhe uNoluthand­o ngesikhath­i beshada eDumbe ngoMgqibel­o
Isithombe: SITHUNYELW­E USBO Da Poet nonkosikaz­i wakhe uNoluthand­o ngesikhath­i beshada eDumbe ngoMgqibel­o
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa