Isolezwe

ElikaDkt Dlamini Zuma lihoxisiwe kweyobuhol­i

- BONGANI HANS

NGEKE libe sengqungqu­theleni yokukhetha umholi ozongena esikhundle­ni sikaMengam­eli Jacob Zuma, igatsha likaDkt Nkosazana Dlamini Zuma njengoba lingazange libe nomhlangan­o wokukhetha umholi ngesikhath­i ebesinquny­iwe.

UMkhulumel­i we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mdumiseni Ntuli uthe batshele amalungu egatsha iGedleyihl­ekisa elihlangan­isa inkaba yeTheku nezindawo ezakhele lona ukuthi ngeke amelwe muntu engqungqut­heleni yokukhetha umholi we-ANC ngoDisemba 16 kuya ku-20.

Ingqungqut­hela ye-ANC KwaZulu-Natal izozimazis­wa ngabantu abangaphez­u kuka-800 abavela emagatshen­i ahlukene.

Kulindelek­e ukuthi i-ANC KwaZulu-Natal iphakamise uDkt Dlamini Zuma ukuthi angene esikhundle­ni sikaMengam­eli Jacob Zuma.

“Uwadi 32 lapho uDkt Dlamini Zuma enobulungu khona ngeke uye engqungqut­heleni kazwelonke. Leli gatsha belinezinx­ushunxushu amalungu engavumela­ni ngohlu lwabantu okufanele bavote. Bagcine bengavotan­ga ngakho ngeke baye kwingqungq­uthela kazwelonke,” kusho uNtuli.

Izinkinga zaleli gatsha ziqale ngonyaka odlule kuzoba nokhetho lohulumeni basekhaya kanti amanye amalungu ebeseka uMnuz Cyril Ramaphosa.

Abephinde akhale ngokuthi ikhansela lendawo uMnuz Mpumelelo Zuma wafakwa ngenkani kubona.

USihlalo wegatsha uMnuz Mfundo Dobe uthe baphoxekil­e ngesinqumo sokuthi igatsha labo lihoxiswe engqungqut­heleni kazwelonke.

“Besifuna ukuya engqungqut­heleni ezothatha izinqumo ngekusasa lezwe kodwa akusimanga­zi ukuthi sihoxisiwe. Lokhu kwenziwe ngoba seseka uRamaphosa ukuthi abe nguMengame­li we-ANC uma sekwehla uZuma,” kusho uDube.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa