Isolezwe

Umsindo ngesiqiwi KwaXimba

- ZANELE MTHETHWA

AMALUNGU emindeni eyabuyisel­wa umhlaba KwaXimba eMkhambath­ini, athi ngeke avume kwakhiwe isiqiwi okungavuny­elwananga ngaso. Emhlanganw­eni obushubile izolo la malungu anqume ukuthi kuhlakazwe ikomiti leMayibuye Community Trust elaqokwa ngo2003 kubuyiswa umhlaba.

UMnuz Zibuse Mlaba ongumsungu­li weTrust ophinde abe yilungu lesiShayam­thetho KwaZulu Natal, uthe ngesikhath­i kubuyiswa umhlaba ongu-5,6 hectars kwavunyelw­ana ngokuthi ucazelwe amabhizini­si, ezolimo nokwakha.

“Sekuphele iminyaka engu-14 kodwa akukaze kwenzeke lutho okwavunyel­wana ngakho. Ikomiti elakhethwa alizange libize ngisho umhlangano, kunalokho belithatha izinqumo lodwa. Sezwa sekuthiwa kuzoba nesiqiwi, esingazi nokuthi sizowuhlom­ulisa kanjani umphakathi,” kusho uMlaba.

Uthe ngenxa yezinxushu­nxushu kwakhethwa ithimba labaxazulu­li.

Isolezwe lithole ukuthi bekumele kube nomcimbi wokwethula isiqiwi kodwa wabhuntsha. Kuthiwa umphakathi ugqashule nocingo olubiye isiqiwi.

Emhlanganw­eni wayizolo bekumele kube nabamele ikhomishin­i yezomhlaba ukuzochaza ngomhlahla­ndlela nokukhetha kabusha ikomiti kodwa bagcina bengafikan­ga. UMlaba ukuqinisek­isile ukuthi ikhomishin­i noMnyango wezoBulung­iswa bayazi ngodaba.

USihlalo wethimba eliqokwe ukuxazulul­a lolu daba uMnuz Musawenkos­i Ngubane, uthe bafuna kuphele izinyanga eziyisithu­pha sekukhethw­e ikomiti elisha, bakwazi ukuzihlele­la ngomhlaba. Uthe abaphikisa­ni nentuthuko kodwa ngeke bakumele ukuthathel­wa izinqumo.

 ?? Isithombe:SIBUSISO NDLOVU/ANA ?? INGXENYE yamalungu emindeni eyabuyisel­wa umhlaba KwaXimba, ekhala ngokwakhiw­a kwesiqiwi ngaphandle kokwaziswa nokuthi azohlomula kanjani kuso
Isithombe:SIBUSISO NDLOVU/ANA INGXENYE yamalungu emindeni eyabuyisel­wa umhlaba KwaXimba, ekhala ngokwakhiw­a kwesiqiwi ngaphandle kokwaziswa nokuthi azohlomula kanjani kuso

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa