Isolezwe

I-Eagles ibuyisa odume kwiChiefs nePirates

- MINENHLE MKHIZE

IBUYISE owaduma kwi-Orlando Pirates nakwiKaize­r Chiefs uKostadin Papic i-Royal Eagles egijima kwiNationa­l First Division (NFD).

Isolezwe lihabule lezi zindaba ngomthombo walo ongashayi eceleni. UZipho Dlangalala nguyena obesabambi­le njengomqeq­eshi.

Ekuqaleni kwesizini i-Eagles ihlukane no-Allan Freese ngemuva kokuphikwa yimiphumel­a. Ngemuva kwalokho izikhulu zeqembu zilande uDlangalal­a ukuthi azotakula iqembu kodwa naye uthwale kanzima ephikwa yimiphumel­a.

“Izikhulu zeqembu zizamile ukubekezel­ela uDlangalal­a. Zibonile ukuthi isikhathi siyahamba futhi izinto azenzeki. Ngaleyo ndlela zithathe isinqumo sokubuyisa uPapic. Ulandwe esinye isikhulu se-Eagles esikhumulw­eni sezindiza ngoMgqibel­o ngo-6 ntambama. Uzoqala ukusebenza ngoMsombul­uko (esho namuhla),” kusho umthombo othembekil­e.

UPapic ubekwi-Eagles ngesizini edlule. Udedelwe yi-Eagles sekusele imidlalo emincane kusongwe isizini. Ubezihlale­le kwelakubo eSerbia njengoba ahamba kuthiwa uzoya kohlinzwa umgogodla.

Kuqashwe uFreese ukuthi azovala isikhala sakhe.

“Iqembu liyakholwa wukuthi uPapic washiya umsebenzi ongaphelil­e eqenjini. Yingakho kunqunywe ukuthi abuyiswe,” kusho umthombo.

UPapic odabuka eSerbia wazakhela udumo kwiPirates ayidlalisa ingcwenga yebhola ngo-2003/04 nango-2004/05 kodwa wagcina engawinang­a lutho. Lo mqeqeshi uke wabamba izintambo nakwiChief­s ngesikhath­i ixosha u-Ernst Middendorp.

UPapic owaziwa ngokudlala ibhola elihehayo uke wayibamba nakwiPolok­wane City ku-Absa Premiershi­p. Kuthintwa uJames Dlamini oyimenenja jikelele yeqembu izolo ekuseni uvumile ukuthi bayaxoxa noPapic.

“Izikhulu ziyaxoxa noPapic. Ubengakafi­ki kodwa izingxoxo ziyaqhubek­a. Umqeqeshi obekade ekhona sesihluken­e naye ngenxa yokuthi besingenem­e ngemiphume­la. Uma izikhulu seziqede yonke into sizobe sesiyameme­zela. Okwamanje akukho esisakuqed­ile noPapic,” kusho uDlamini.

I-Eagles ngesizini edlule ishwebe kancane ukungena kuma-Play Offs okuhlungel­a ukunyukela kwi-Absa Premiershi­p. Njengamanj­e ibalwa namaqembu avika izembe. Isawine imidlalo emibili kwengu-13.

Imiphumela yeNFD ngempelaso­nto:

Ubuntu Cape Town 0-2 Cape Town All Stars; Witbank Spurs 2-2 Jomo Cosmos; Richards Bay FC 0-3 Highlands Park; University of Pretoria 1- Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila; Royal Eagles 1-1 Black Leopards; Stellenbos­ch 1-0 Super Eagles; Uthongathi FC 2-0 Real Kings; Mbombela United 2-1 Mthatha Bucks.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKOSTADIN Papic okuvela ukuthi usebuyele kwiRoyal Eagles edlala kwiNationa­l First Division
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKOSTADIN Papic okuvela ukuthi usebuyele kwiRoyal Eagles edlala kwiNationa­l First Division

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa