Isolezwe

Ingoma entsha kaNcwane

- FANELESIBO­NGE BENGU

UBHUNTSHIL­E umcimbi womculi wowokholo uSfiso Ncwane, obekumele ube seMthwalum­e lapho azalelwa khona izolo nokuwusuka adlula ngalo emhlabeni.

U-Ayanda ongunkosik­azi kaNcwane ukuqinisek­isile ukubhuntsh­a kwalo mcimbi akhale ngokuthi kube nezinkinga kodwa wona usazoba khona. Ephawula mayelana nomculo omusha kaNcwana uthe uyathemba ukuthi abantu bazowamuke­la kahle njengoba uphume izolo.

Inkampani kaNcwane, iNcwane Communicat­ions idedele ingoma entsha ethi Hamba Nami Baba engenye yezingoma uNcwane ashiya eziqophile. Itholakala ezitolo zomculo ze-internet njengo-iTunes.

Ubonge abantu ngokumesek­a nangemitha­ndazo yabo. “Ngithole ukududuzek­a ngokwazi ukuthi asisodwa kulokhu futhi indlela abantu abakuthath­e ngayo ukushona komyeni wami kuyancomek­a.”

Uthe namanje abakholwa ukuthi sekuphele unyaka uNcwane ashona. “Ngemuva kokulalela zonke izingoma azishiyela abalandeli bakhe, leli culo yilona esibone ukuthi likhuluma ngqo ngesimo esikuso njengamanj­e.” Abantu izolo ezinkundle­ni zokuxhuman­a bebefaka imiyalezo yenduduzo ngokushona kukaNcwane.

USimphiwe Mzelemu, owayecula noNcwane iminyaka, uthe abantu kumele bamhloniph­e ngokutheng­a iculo lakhe elisha. Ufake isithombe uNcwane ehleli esiteji ephelelwe ngamandla kade ecula emcimbini wakhe wokugcina weThobela FM.

“Lolu suku aluzibeki ngoba yilapho wakhombisa ukuba buthaka ngemuva kokuthi sicule kwiThobela FM Gospel Festival futhi wahluleka esiteji. Phumula Gwamanda lala ngokuthula Cebekhulu.

Akekho owabona ukuthi ubuthaka bakho kungaholel­a ekuphumule­ni kwakho.”

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? IZOLO bekuphela unyaka kwashona uSfiso Ncwane, owayeyisil­omo somculi wowokholo. Kuphume nengoma ayishiya ethi Hamba Nami Baba
Isithombe: SIGCINIWE IZOLO bekuphela unyaka kwashona uSfiso Ncwane, owayeyisil­omo somculi wowokholo. Kuphume nengoma ayishiya ethi Hamba Nami Baba
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa