Isolezwe

Akazisoli obengenele owemishado

- NOKUBONGWA PHENYANE

IZIBALO ZISAVUNA URAMAPHOSA OKWAMANJE

Vusie Mdletshe: E-Eastern Cape, Western Cape, Northern Cape, Limpopo naseGauten­g iningi lamagatsha liqoke uCR17 kanti iKZN, Free State neNorth West iningi liqoke uNDZ bese iMpumalang­a ikhuluma eyobumbano. Sekuyocaca ezithunywe­ni ukuthi zona zizomisa kanjani engqungqut­heleni eNasrec.

Mckenzie Tk Jabo: Vele kumele zimvune uyiphini likamengam­eli futhi kumele uma kuphuma umengameli kungene yena. Kungani kumele kushintshe uma sekumele kungene yena? Odinga isikhundla uyolandela emva kwakhe.

Zaks Biyela: Uma ukhumbula kahle noMbeki wayehamba phambili kwafikwa engqungqut­heleni zashintsha izinto. BAFUNA IBE YISIDLO SIKAKHISIM­USI I-SUPERSPORT

Thato Ntando Phohlo: Siyoyenzak­alisa namhlanje iSuperSpor­t. Izoza njengenjwa­yelo ihlangane nembila zithutha. Sikhathele iyona manje. Bopha Bhakabhaka Bopha!!!

Mbongi Dlamini: UMama-Joy ucabanga ukuthi ibhola lidlalwa ngamehlo njengoba esuke elibuka. Cha mama akunjalo umlando usengaziph­inda nje.

Thula Vico Ka Magaye: Ngalo 1-0 nje wokugcina sebezibona bengadla iSSU ebabhuquzi­se kangaka ngesizini edlule. UKHIHLA ISILILO OGILWE NGEMPESHEN­I YAKHE

Dennis Phumlani Mdletshe: Amaphoyisa awathole imvume yokubheka amakhamera akwaSpar ngalelo langa nangesikha­thi eyaphuma ngaso imali. Kwaze kwaba nzima.

Mlungisi Wonder Malevu: Ngicela onamandla asize bandla ibuhlungu le nto ngiyacela bantu bakithi.

Mbongi Dlamini: Kodwa noma kungathiwa usuwusikho­theni usungagila umuntu omdala kangaka ophethe izibusiso? Cha ngeke lonakele izwe. BAPHUNYUKW­E yiqatha emlonyeni abashadika­zi baseBhamsh­ela, eThekwini, abaphume isibili ohlelweni iThe Wedding Bashers efinyelele emaphethel­weni ngeSonto.

Lolu hlelo obelukhomb­isa imishado yezinhlang­a ezahlukene kuleli belukhonji­swa kuM-Net (DStv channel 101).

USibonelo noZinhle Cele (abasesitho­mbeni) bebengaban­e kwabayisih­lanu abafinyele­le esigabeni sokugcina.

Osaziwayo bakuleli akade bengamajaj­i uCindy Nell, Denise Zimba, Siba Mtongana noZavion Kotze, bebehambel­a imishado bafike babuke indlela okuhlotshi­swe ngayo, ukudla nangendlel­a okugqokwe ngayo emcimbini.

UFranco noTaryn baseGoli, yibona abahlabene ngomklomel­o ka-R800 000.

USibonelo ekhuluma neSolezwe uthe, akazisoli ngokungene­la lolu hlelo njengoba kube ngenye yezinto ezimnandi ayohlala exoxa ngazo. “Ngalungene­la unkosikazi engazi. Ngabona isikhangis­o kuthelevis­hini kuthiwa kudingeka abantu abazoshada abazowina lo mklomelo obubekiwe. Ngayithand­a indlela okwabukeka ngayo ngase ngizama inhlanhla,” kusho uSibonelo.

Uthe ngemuva kwesikhash­ana watshela unkosikazi wakhe njengoba base bemtshelil­e ukuthi bazowuhamb­ela umshado wakhe.

“Kusale kancane sidle umhlangani­so kodwa siyababong­ela abawinile futhi kube mnandi ukuba yingxenye yalolu hlelo,” kusho uSibonelo.

Umshado wabo amajaji alolu hlelo awuncoma ngendlela owawuhlele­ke ngayo.

Imali, uSibonelo aveza ukuthi uyisebenzi­sile kuwo u-R500 000.

Kodwa amajaji ngesikhath­i ebuka konke okwakukhon­a amtshela awanganana­za ukuthi le mali ayishoyo ingaphezul­u kwalokhu akubonayo.

Amajaji ancoma ingubo kamakoti, indlela okuhlotshi­swe ngayo nokudla ukuthi konke kwakusezin­geni.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa