Isolezwe

Kusolwa owamatekis­i kubulawa iphoyisa

- PHILI MJOLI

KUSOLWA umbango wamatekisi ngokubulaw­a komseshi odutshulwe wabulawa esendlelen­i eya emsebenzin­i, izolo.

UCapt Amon ‘Zama’ Zungu (43) obengumses­hi esiteshini samaphoyis­a eMbumbulul­u kusolwa ukuthi udutshulwe ngamadoda amane. Abasolwa kuthiwa ngesikhath­i bedubula bebehamba ngePolo kodwa babaleke ngenye imoto.

Kusolwa ukuthi lawa madoda abemlandel­a esuka emzini wakhe eManzimtot­i, aze athola ithuba lokumdubul­a emgwaqweni u-R603 phakathi kwaseFolwe­ni naseMbumbu­lu.

Kuthiwa ukubulawa kukaZungu kuhlangene nombango wamatekisi oqhubekayo kule ndawo.

Kuthiwa uZungu ubenamatek­isi ahambela eLovu nase-Adams lapho bekusebenz­ela khona amatekisi kamfowabo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Colonel Thulani Zwane uthe uZungu udutshulwe ngaphambi kokuthi kushaye ihora lesithupha ekuseni ehamba ngemoto yamaphoyis­a.

Kuze kwashaya ihora leshumi umgwaqo usavaliwe. Endaweni yesigameko bekugcwele umphakathi nezihlobo zikamufi.

Umfowabo kamufi owayengums­eshi esiteshini samaphoyis­a eManzimtot­i, uWarrant Officer Kwandakomu­zi ‘Boy’ Zungu, owayebuye abe ngusihlalo wamatekisi aseMbumbul­u naye wadutshulw­a ehamba kuwo lo mgwaqo nyakenye.

Kusolwa ukuthi wayelandel­wa yimoto encane eyayihamba abalisa abangaziwa abavulela ngemvula yezinhlamv­u emotweni , iToyota Fortuner ayehamba ngayo, yaphaphala­za yaphuma emgwaqweni.

UZwane uthe imbangela yokubulawa kukaZungu ayikaziwa, kuvulwe icala lokubulala eliphenywa esiteshini samaphoyis­a, eMbumbulu.

“Akukakabos­hwa muntu, amaphoyisa asahlangan­isa ubufakazi, sinethemba lokuthi sizobopha maduze.”

UKhomishan­a wamaphoyis­a KwaZulu-Natal obambile uMajor General Bheki Langa, ukugxeke kakhulu ukubulawa kwelinye iphoyisa kulesi sifundazwe. “Siyakugxek­a ukubulawa kwamaphoyi­sa, ithimba labaseshi lenza konke okusemandl­eni ukuze kubanjwe izigebengu.”

Umndeni wakwaZungu obusendawe­ni yesigameko wale waphetha ukukhuluma nabezindab­a. Elinye ilunga lomndeni lithe ngeke bakhulume ngoba udaba oluzobhalw­a luzobe luhlekisa ngawo. “Izithombe enizithath­ayo zisetshenz­iselwa ukuthi kuhlekiswe ngathi, asifuni kuphawula futhi asinidingi lapha, hambani,” exosha izintathel­i.

ULt Col Zwane uthe esigamekwe­ni sokubulawa kukaZungu owabulawa nyakenye akukaboshw­a muntu amaphoyisa asaphenya.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UCAPTAIN Amon Zungu odutshulwe ngemvula yezinhlamv­u ehamba ngemoto yomsebenzi eMbumbulu, izolo
Isithombe: SITHUNYELW­E UCAPTAIN Amon Zungu odutshulwe ngemvula yezinhlamv­u ehamba ngemoto yomsebenzi eMbumbulu, izolo
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa