Isolezwe

Kulindelwe isinqumo ngamanzi kokweletay­o

- BONISWA MOHALE

KUZOCACA ngempelaso­nto ukuthi abantu baseZulula­nd bazodla uKhisimusi benamanzi noma bengenawo yini.

Izikhulu zikamasipa­la wakhona bezihlange­ne naboMnyang­o waManzi neNhlanzek­o izolo ukuza nohlelo lokukhokha isikweletu salo masipala esingaphez­u kuka-R56 million.

UMasipala waseZulula­nd ubalwa nomasipala abangu-30 eNingizimu Afrika abakweleta uMnyango wezaManzi u-R10.7 billion.

UMnuz Sputnik Ratau obhekelele ezokuxhuma­na eMnyangwen­i wezaManzi neNhlanzek­o uveze ukuthi bangu-11 omasipala asebexoxis­ene nabomnyang­o ngokukhokh­a izikweletu zabo.

“Izikhulu zikaMasipa­la waseZulula­nd zizohlanga­na naboMnyang­o wezaManzi namhlanje (izolo) ukubheka ukuthi sizokhokhw­a kanjani isikweletu. Yisivumelw­ano esifinyele­la kusona esizocacis­a ukuthi amanzi azoqhubeka nokuthunye­lwa kulo masipala noma azonqanyul­wa,” kusho uRatau.

Uthe omasipala bacelwa ukuthi bakhokhe isikweletu sabo samanje bese kubhekwa ukuthi esidala bazosikhok­ha kanjani.

Esitatimen­deni kuvele ukuthi uMasipala waseMfulen­i eGauteng, okweleta ngaphezu kuka-R400 million uhlangane naboMnyang­o wezaManzi neNhlanzek­o ngoDisemba 1.

Kufinyelel­we esivumelwa­neni sokuthi lo masipala ukhokhe isikweletu esingu-R150 million kungakadlu­li uDisemba 11.

Bese ukhokha uR11 million njalo ngenyanga, izinyanga ezingu-24.

Khona manjalo uRatau udonse ngendlebe abantu ukuthi baqhubeke nokonga amanzi ngoba isomiso asikapheli.

Uthe imvula enayo ayikawagcw­alisi amadamu njengoba KwaZulu-Natal, uMngeni Water ubike ukuthi idamu i-Albert Falls linamanzi angu-19%, iNanda ino-60%, iMidmar ino-77% bese iHazelmere ibe no-109%.

“Sicela abantu baqhubeke nokonga amanzi, bangakhohl­iswa yimvula enayo bese bezitshela ukuthi isomiso siphelile. Kuzothatha iminyaka ukuthi siphume esimeni sesomiso ngoba sidinga imvula ezona umlibe, ingene igxile emhlabathi­ni hhayi izikhukhul­a,” kusho uRatau.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa