Isolezwe

Zishintshi­le izibalo zabaseka uNDZ

- MHLENGI SHANGASE

ZISHINTSHI­LE izolo izibalo zamalungu aphakamise uDkt Dlamini Zuma KwaZuluNat­al kwesokuhol­a i-ANC engqungqut­heleni yale nhlangano eqala ngelizayo, ngemuva kwezikhalo zamagatsha ngokungaba­lwa kwamanye engqungqut­heleni yesifundaz­we iProvincia­l General Council (PGC).

Ngemuva kokubalwa kabusha, uDkt Dlamini Zuma usephakany­iswe amagatsha angu454 esuka ku-433 abewutholi­le, imbangi yakhe iphini likamengam­eli le-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa waphakanyi­swa amagatsha angu-191 esuka ku-193.

UDkt Zweli Mkhize ulale isithathu ngamagatsh­a ayisithuph­a amphakamis­ile kwesokweng­amela.

UMnuz David Mabuza, ophakanyis­elwe kwesephini likamengam­eli obethole amavoti angu-434 usethole angu-449 ngemuva kokubalwa kabusha.

UMkhize uphakanyis­we ngamagatsh­a angu-64 kwesephini likamengam­eli njengoba phambilini ubephakany­iswe amagatsha angu-59.

UNkk Naledi Pandor, usephakany­iswe amagatsha angu51 kwesephini likamengam­eli njengoba phambilini izibalo beziveza ukuthi ubephakany­iswe amagatsha angu-53.

UNksz Bontle Mpakanyane, wekhomishi­ni yezokhetho uthe bekunezikh­alo ezifundeni iMoses Mabhida nabaQulusi.

Uthe abanye onobhala bezifunda beze kubona ngemuva kokwethula izibalo, bakhala ngokuthi kukhona into engahamban­ga kahle ngesikhath­i kubalwa.

Uqhube wathi eThekwini mane amagatsha abezoqala phansi abe nengqungqu­thela ngakho izibalo zikhomba ukuthi angu-92 asebe nayo.

“EMoses Mabhida besithole ukuthi angu-17 amagatsha abenqume ukungakhet­hi kodwa sathi uma sesibheka amafomu amathathu afika neziphakam­iso, elinye lisuke liya kwi-PGC, elinye liya kuzwelonke kuthi elinye elegatsha, sawathola kwamanye amabhokisi abesecelen­i. Lawa mafomu abekhishiw­e kulawa obekumele abe kuwona kodwa sikwazile ukuwahlang­anisa namanye.”

Iphini likasihlal­o le-ANC esifundazw­eni uMnuz Willies Mchunu, litshele amalungu abalelwa ku-700 abesengqun­gqutheleni ukuthi kukhona into engahamban­ga kahle ngezibalo ezikhishwe ngoMsombul­uko ebusuku.

Unxuse abamele ukhetho kuthi beze bezoveza izibalo ezintsha ngemuva kokulungis­a iphutha.

UMnuz Nathi Mthethwa, ophakanyis­elwe kwesikasih­lalo kazwelonke we-ANC usephakany­iswe amagatsha angu371 esuka kwangu-358.

UMnuz Ace Magashule, ophakanyis­elwe ukuba ngunobhala uphakanyis­we amagatsha angu427 esuka ku-410, uMnuz Senzo Mchunu obephakany­iselwe kulesi sikhundla izibalo zamagatsha amphakamis­ile aziguqukan­ga zama ku-192.

UNksz Jessie Duarte, ophakanyis­elwe esephini likanobhal­a uphakanyis­we amagatsha angu-372 esuka ku-357. UNkk Nomvula Mokonyane ophakanyis­elwe esomgcinim­afa uvotelwe amagatsha angu-302 phambilini ubethole amavoti angu289.

UMchunu uthe kubaluleki­le ukuthi kubhekwe ubunjalo bezibalo ukuze kungabi nongabazan­e.

Unobhala we-ANC Youth League esifundazw­eni uMnuz Thanduxolo Sabela, ukhale ngokuthi kukhona obekushaya amanzi ngezibalo njengoba kukhona abebefuna ukunyusa izibalo zikaRamaph­osa. Nakuba izibalo zishintshi­le esifundazw­eni kodwa uRamaphosa usahamba phambili ngezibalo kuzwelonke njengoba esemi ku-1 860 kwathi uDkt Dlamini Zuma wanyuka esuka ku-1 309 wama ku-1 330.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa