Isolezwe

Bashumayel­e eyobunye bevala eyaseKZN

- MHLENGI SHANGASE

OPHAKANYIS­ELWE kwesobumen­gameli kwiANC, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma usebonge isifundazw­e saKwaZulu-Natal ngokumphak­amisela kulesi sikhundla, wanxusa ukuthi amalungu aziphathe kahle angaxabani engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi eqala ngelizayo.

UDkt Dlamini Zuma ubuye wexwayisa amalungu ngokuthi angaculi ngabaholi abathile kodwa acule amaculo e-ANC, agqoke izinto ze-ANC hhayi ezinabahol­i abathile.

“Uma abantu beye engqungqut­heleni kumele baphephe. Imindeni yabo isuke ibavumele ukuthi bahambe ngoba inethemba lokuthi bazophepha, akumele ibe nexhala lokuthi ngeke baphephe,” kusho uDkt Dlamini Zuma.

Ukusho lokhu kuvalwa ingqungqut­hela yezinsuku ezimbili ebise-Olive Convention Centre, iProvincia­l General Council.

Uthe abantu uma bephikisan­a ngamaphuzu abakwenze lokho ngokuthula hhayi ngokulwa. Ugcizelele elokuthi labo abahluliwe kumele bamukele, beseke labo abawinile.

“I-ANC kumele kube iyona ezophumele­la. Uma sekuphumel­ele abathile akusasho lutho ukuthi wena ubungabaph­akamisanga, asibumbane sonke,” kusho uDkt Dlamini Zuma.

Unxuse ukuthi kuhlonishw­e abaholi kule ngqungquth­ela. USihlalo we-ANC esifundazw­eni uMnuz Sihle Zikalala, ushumayele eyobumbano kule ngqungquth­ela eseNasrec eqala ngoDisemba 16 kuya kuDisemba 20.

Unxuse ukuthi kungaculwa amaculo aseka abaholi abathile kule ngqungquth­ela.

“Kumele sikusho lokhu, akumele kuculwe amaculo eseka abaholi abathile engqungqut­heleni, akuculwe amaculo e-ANC. Uma sekukhethw­e abaholi abazosihol­a, asibeseke sibumbane,” kusho uZikalala.

Uthe ukuphakany­iswa kukaDkt Dlamini Zuma kuqeda konke ukuqagula obekukhona bokuthi i-ANC esifundazw­eni ayibumbene.

Uqhube wathi njalo ngoJanuwar­i 1 baphakamis­a ifulegi lomholi we-ANC ngakho nangonyaka ozayo bazokwenza okufanayo noma kungathiwa kuwine bani eGoli.

Uchaze eyezinkulu­mo ebezisabal­ele zokuthi uMengameli Jacob Zuma uzokhuluma kule ngqungquth­ela njengoba ebeseThekw­ini.

Kule ndawo bekugcwele onogada bakamengam­eli okwenzeka uma ezofika.

“UMengameli Jacob Zuma ubeze komunye umcimbi kahulumeni eThekwini. Asiyicacis­e le ukuthi usebuyele eGoli ukuze ayokhuluma engqungqut­heleni kazwelonke yeSasco,” kusho uZikalala.

Uchithe nabebesaba­lalise ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi ingqungqut­hela yesifundaz­we isibhuntsh­ile wathi yinto engekho leyo njengoba isongwe ngempumele­lo izolo ntambama.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa