Isolezwe

Isiphasisi­we intela yeziphuzo ezinoshuke­la

-

Ukuphasisw­a kwalo mthetho kusho ukuthi sezifinyel­ele esiphethwe­ni izingxoxo zezinyanga ezingu-18 ngentela kashukela okufanele isebenze ngo-Ephreli 1, wonyaka ozayo.

Ukuphasa kwalo mthetho kusho ukuthi iCoca Cola izonyuka ngo-11%.

“Siwashayel­a izandla amalungu ephalamend­e ngokubeka impilo yezigidi zabantu baseNingiz­imu Afrika phambili. Awabhekang­a kuphela iziphakami­so zabemboni yeziphuzo nekashukel­a,” kusho uNkk Tracey Malawana weHealthy Living Alliance (Heala).

Uthe abantu baseNingiz­imu Afrika bazokwazi ukuphila bangabanjw­a wushukela, nesifo sokukhulup­hala ngokweqile esidalwa wushukela.

“Sesilindel­e uMengameli Jacob Zuma ukuthi asayine lo mthetho ukuze uqale ukusebenza,” kusho uNkk Malawana.

ISouth African Sugar Associatio­n (Sasa) ithe intela kashukela isho ukuthi kuzoncipha ngamathani angu-200 000 ukukhiqizw­a kukashukel­a, kulahleke amahectha angu-13 200 okukhiqiza umoba nemisebenz­i engu-3 129.

UNkk Priya Seetal wakwaSasa uthe kuzohlukum­ezeka abalimi abancane ababhekene nezingqina­mba njengoba umoba ungeke uthengwe kakhulu.

“Intela izonyusa izindleko zokusebenz­a bese kuvalwa izigayo zikamoba okuzoholel­a ekutheni abantu abangu-20 000 balahlekel­we ngumsebenz­i emaplazini nasezigayw­eni eminyakeni emihlanu kuya kweyisikho­mbisa ezayo,” kusho uNkk Seetal. Uthe ngabantu abangu-90 000 abazothika­mezeka ngenxa yentela kashukela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa