Isolezwe

Bahleli lubhojozi kunyakaza umhlaba

- BONISWA MOHALE

BAFUNA kungenele uMasipala weTheku emhlabeni ozamazamay­o, uqhekeke bese ugugula izindlu, abantu baseMaluka­zi ngaseMlaza.

Isolezwe lithole ukuthi sekuphele inyanga kunokuzama­zama komhlaba eRoad 2, eMalukazi.

UNkk Nokukhanya Dhlomo oyilungu lekomiti lakule ndawo, uthe bafuna kungenele umasipala ngoba abasakwazi nokuhamba kahle endaweni yabo kwazise umhlaba ushona phansi uma bewunyathe­la.

“Izindlu zabantu ziyadilika, umhlaba unokuzamaz­ama kancane. Uma sinyathela ushona phansi.

Asazi ukuthi le nto eyenzekayo sizoyibiza ngani ngoba iyaqala ukwenzeka selokhu safika lapha ngo-1990,” kusho uNkk Dhlomo.

UNkk Khombisile Mkhize (56) indlu yakhe enamakamel­o amathathu isilengela eweni.

Uthe wafika eMalukazi ngo1995 futhi akakaze abone umhlaba wenza le nto ngisho kunemvula ena ngamandla.

“Kulo nyaka siqale sabona umhlaba uqhekeka izulu libalele. Kuthe ngokuhamba kwesikhath­i sezwa izindlu sezinyakaz­a sengathi kunento ezigugulay­o.

Lesi simo senzeka uma izulu lina noma libalele. Asisazi ukuthi senze njani ngoba sibikile emakhansel­eni,” kusho uNkk Mkhize.

UNkk Nombuyisel­o Mkhize (65) indlu yakhe ebhodloke udonga ngenxa yokuqhekek­a komhlaba eyakhiwe kuwo, uthe ufisa uhulumeni umsuse ngoba akasapheph­ile. UNkk Mkhize onezingane ezimbili, eyodwa ekhubazeki­le nenye ebamba amatoho uthe wafika eMalukazi ngo-1992 ngoba ezofuna impilo engcono eThekwini.

“Ngifisa iMeya uNkk Zandile Gumede azohlola isimo sale ndawo ngoba asazi kuthi yini le eqhekeza umhlaba ngoba abanye abantu bathi yinyoka, abanye bathi yisimo sezulu. Asisazi ngempela ukuthi kwenzekani,” kusho uNkk

Mkhize. UNksz Ntombifuth­i Ndlovu, indlu yakhe esisekwe ngamathayi uthe unovalo ngezingane zakhe ezinhlanu ukuthi zizolimala uma zihamba emhlabeni waseMaluka­zi. “Sisaba nokuthi izingane ziyodlala ngoba umhlaba uvele uqhekeke esikhaleni. Siyacela umasipala angenele, asazi ukuthi sithinte bani ngoba sibikile emakhansel­eni kodwa alikho ithimba elihlola isimo,” kusho uNksz Ndlovu.

UNksz Tozi Mthethwa oyiNhloko yezokuXhum­ana kuMasipala weTheku uthe badlulisel­e lolu daba emnyangwen­i ofanele ukuze liyohlola isimo bese lihlahla indlela ngokufanel­e kwenziwe eMalukazi.

 ?? Izithombe: BONGANI MBATHA ?? ENYE yezindlu ebhodlokel­wa wumhlaba ngendlela edida umphakathi njengoba namapayipi amanzi aseze ahlala obala eMalukazi ngaseMlaza
Izithombe: BONGANI MBATHA ENYE yezindlu ebhodlokel­wa wumhlaba ngendlela edida umphakathi njengoba namapayipi amanzi aseze ahlala obala eMalukazi ngaseMlaza
 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU/ANA ?? IVULWE wuMengamel­i uMnuz Jacob Zuma ingqungqut­hela yamachweba eThekwini, othathwe lapha evakashele abakhangis­e kule ngqungquth­ela ehambisana noNgqongqo­she wezokuThut­hukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede...
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU/ANA IVULWE wuMengamel­i uMnuz Jacob Zuma ingqungqut­hela yamachweba eThekwini, othathwe lapha evakashele abakhangis­e kule ngqungquth­ela ehambisana noNgqongqo­she wezokuThut­hukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede...
 ??  ?? UNKK Nokukhanya Dlomo obehola ikomiti lendawo eMalukazi endlini kaNkk Nombuyisel­o Mkhize edilikayo ngenxa yokushona phansi komhlaba
UNKK Nokukhanya Dlomo obehola ikomiti lendawo eMalukazi endlini kaNkk Nombuyisel­o Mkhize edilikayo ngenxa yokushona phansi komhlaba
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa