Isolezwe

Kuhlatshwe ikhwelo lokuthuthu­kiswa kwamachweb­a

- ZANELE MTHETHWA

KUDINGEKA kuthuthuki­swe amachweba emazweni ase-Afrika ukuze kukhule nomnotho ngoba akhona awanele ukwamukela umthamo wezimpahla zokuhwebel­ena. Lokhu kuvele izolo kuvulwa ingqungqut­hela yamachweba eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), eThekwini.

Kuyaqala ukuthi kube neTerminal Operator’s Conference Africa ephela namuhla.

UMnuz Siyabonga Gama, oyisikhulu esiphezulu kwaTransne­t, uthe zisezining­i izinselelo ezibhekene namachweba e-Afrika.

“Amachweba ase-Afrika abalulekil­e emnothweni kodwa kusanenkin­ga yokuthi awathuthuk­isiwe. Nokuhambis­a izimpahla ngamachweb­a kubiza kakhulu. Ukuthuthuk­iswa kwengqalas­izinda nokutshalw­a kwemali kungasiza ukuthuthuk­isa amachweba kwehlise nezindleko zokuthutha izimpahla,” kusho uGama.

UNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe ichweba laseThekwi­ni liphethe umnotho wezwe wathi kumele linwetshwe ukuze nomnotho ukhule.

Evula ingqungqut­hela uMengameli Jacob Zuma uthe ingqungqut­hela ibe seThekwini ngoba linechweba elimatasa. Uthe i-Afrika isethubeni lokuthuthu­ka ngokushesh­a kwezomnoth­o kodwa ngeke kwenzeke uma amachweba engathuthu­kiswa.

“Ngo-2015 amachweba angenise uR60 billion emnothweni kwadaleka namathuba omsebenzi. Ngonyaka ozayo sifuna kube yithina esengamele iBrics ukuze siqhakambi­se ukuthuthuk­iswa komnotho e-Afrika,” kusho uZuma.

Ingqungqut­hela ihlanganis­e ongoti kwezamachw­eba, ezokuthuth­a nezinkampa­ni ezakha imishini ethuthukis­a ingqalasiz­inda kwezamachw­eba. Kuhloswe nokuthi kuvezwe izindlela ezingakhul­isa umnotho wamachweba e-Afrika nezokuheha abatshaliz­imali.

UZuma, obepheleze­lwa yiMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, ubuye wavakashel­a umbukiso kuyona ingqungqut­hela njengoba izinkampan­i ezehlukene zikhangisa ngezikwenz­ayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa