Kuhlatshwe ikhwelo lokuthuthukiswa kwamachweba
KUDINGEKA kuthuthukiswe amachweba emazweni ase-Afrika ukuze kukhule nomnotho ngoba akhona awanele ukwamukela umthamo wezimpahla zokuhwebelena. Lokhu kuvele izolo kuvulwa ingqungquthela yamachweba eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini.
Kuyaqala ukuthi kube neTerminal Operator’s Conference Africa ephela namuhla.
UMnuz Siyabonga Gama, oyisikhulu esiphezulu kwaTransnet, uthe ziseziningi izinselelo ezibhekene namachweba e-Afrika.
“Amachweba ase-Afrika abalulekile emnothweni kodwa kusanenkinga yokuthi awathuthukisiwe. Nokuhambisa izimpahla ngamachweba kubiza kakhulu. Ukuthuthukiswa kwengqalasizinda nokutshalwa kwemali kungasiza ukuthuthukisa amachweba kwehlise nezindleko zokuthutha izimpahla,” kusho uGama.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe ichweba laseThekwini liphethe umnotho wezwe wathi kumele linwetshwe ukuze nomnotho ukhule.
Evula ingqungquthela uMengameli Jacob Zuma uthe ingqungquthela ibe seThekwini ngoba linechweba elimatasa. Uthe i-Afrika isethubeni lokuthuthuka ngokushesha kwezomnotho kodwa ngeke kwenzeke uma amachweba engathuthukiswa.
“Ngo-2015 amachweba angenise uR60 billion emnothweni kwadaleka namathuba omsebenzi. Ngonyaka ozayo sifuna kube yithina esengamele iBrics ukuze siqhakambise ukuthuthukiswa komnotho e-Afrika,” kusho uZuma.
Ingqungquthela ihlanganise ongoti kwezamachweba, ezokuthutha nezinkampani ezakha imishini ethuthukisa ingqalasizinda kwezamachweba. Kuhloswe nokuthi kuvezwe izindlela ezingakhulisa umnotho wamachweba e-Afrika nezokuheha abatshalizimali.
UZuma, obephelezelwa yiMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, ubuye wavakashela umbukiso kuyona ingqungquthela njengoba izinkampani ezehlukene zikhangisa ngezikwenzayo.