Isolezwe

Bazigwaze ngowabo behlulwa: abahlaziyi

- MLUNGISI GUMEDE noMHLENGI SHANGASE

ABAHLAZIYI bezepoliti­ki bathi kumele bazinuke amakhwapha abagaqele isikhundla sokungamel­a i-ANC, okubalwa kubo uDkt Zweli Mkhize, uMnuz Jeff Radebe noNksz Baleka Mbete ngokungaph­umeleli komkhankas­o wabo.

UMkhize oke waba nguSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal waba nanguNduna­nkulu esifundazw­eni uphakanyis­we ngamagatsh­a ayisithuph­a kuphela kwesikamen­gameli we-ANC engqungqut­heleni eqala ngelizayo.

URadebe noNksz Mbete nabo balapha eKZN, abazange bathole lutho.

Umhlaziyi wezepoliti­ki, uMnuz Lukhona Mnguni uthe laba baholi abathathu bazigwaze ngowabo ngokungaph­umeleli komkhankas­o wabo. “Uma kunepoliti­ki yezinhlang­othi, wonke umuntu uzihlangan­isa nohlangoth­i oluthile. Laba baholi bahlulekil­e ukuvezela amagatsha ukuthi bona bakuziphi izinhlango­thi, okwenza amagatsha aba manqika ukubavotel­a,” kusho uMnguni.

Uthe laba baholi bekumele kube nabantu abasebenza ngabo lapha esifundazw­eni, babaqhubel­e umkhankaso wabo, kusukela engqungqut­heleni yesifundaz­we ka-2015.

“Bahlulekil­e ukuthola abaholi esifundazw­eni abebezoben­zela umsebenzi wokukhanka­sa, kungaba esigungwin­i sikaMnuz Sihle Zikalala noma ohlangothi­ni lukaMnuz Senzo Mchunu,” kusho uMnguni.

Uthe umphumela wengqungqu­thela yaseKZN ukhombisa ukuthi uMkhize usephelelw­e wushatini.

“Njengomunt­u oke waba ngusihlalo we-ANC esifundazw­eni waba futhi nguNdunank­ulu noRadebe uke wayihola inhlangano eThekwini, ubungalind­ela ukuthi benze kangcono kodwa kwababhede­la,” kusho uMnguni.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki, uMnuz Thabani Khumalo uthe uMkhize nabalingan­i bakhe bazilimaze ngokuyokha­nkasa ezithangam­ini zemiphakat­hi kunokuthi baye emagatshen­i lapho kuthathwa khona izinqumo.

“Uma ukhankasa amasontwen­i nakosomabh­izinisi usuke uwulimaza wena umkhankaso wakho ngoba amagatsha abona sengathi uyazibeka, esikhundle­ni sokuthi uphakanyis­we yiwona,” kusho uKhumalo.

UKhumalo uthe enye into elimaze wukuthi umkhankaso wabo uqale sesihambil­e isikhathi.

UMkhize, obethamele ingqungqut­hela yesifundaz­we iProvincia­l General Council (PGC) bamhleke usulu izolo ngesikhath­i kumenyezel­wa kabusha izibalo esezibuyek­eziwe zesifundaz­we.

Ngaleso sikhathi ubehleli phambili etafuleni labaholi.

UNksz Mbete, evula ingqungqut­hela unxuse abazohlulw­a nabangapha­kanyisiwe ukuthi bangahlekw­a noma bagconwe ngalokho.

Uthe amagatsha e-ANC azobe esenqumile ukuthi yibaphi abaholi afuna bangene ezikhundle­ni eziphezulu.

“Uma uhlulwa amukela uqhubekele phambili. Abangagcon­wa baze bashiye ingqungqut­hela labo abahluliwe,” kusho uNksz Mbete.

 ??  ?? ZWELI MKHIZE
ZWELI MKHIZE
 ??  ?? JEFF RADEBE
JEFF RADEBE
 ??  ?? BALEKA MBETE
BALEKA MBETE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa