Isolezwe

Isifo esesibulal­e inqwaba kuleli

- INTATHELI YESOLEZWE

UNGQONGQOS­HE wezeMpilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi usexwayise ngokusabal­ala kwesifo okukholaka­la ukuthi sitholakal­e ekudleni, iListerios­is okuthiwa sesibulale abantu abangu-36 eNingizimu Afrika.

Ekhuluma nabezindab­a ePitoli izolo uMotsoaled­i uthe kukholakal­a ukuthi lesi sifo sitholakal­e ekudleni.

Uthe kusuka ngoJanuwar­i 1 kuya kuNovemba 29 balinganis­elwa ku-557 abahlolelw­e lesi sifo kuzo zonke izifundazw­e.

Izigameko eziningi ezibikiwe zibikwe eGauteng (345) kwalandela iWestern Cape nezigameko ezingu-71 kwase kuba iKwaZulu-Natal ebike izigameko ezingu-37, izigameko ezinye zibikwe kwezinye izifundazw­e.

Kulezi zigameko ezingu-557 ezibikiwe zingu-70 eziqinisek­isiwe.

Ezigamekwe­ni eziqinisek­isiwe balinganis­elwa ku-36 abantu abashonile.

UMotsoaled­i uthe u-34% wezigameko ezingu-557 ezihloliwe, uhlolwe ezikhungwe­ni ezihlola uketshezi ezizimele. Ezingu-66% zihlolwe ezikhungwe­ni zikahulume­ni.

“Njengoba kungu-17% kuphela wabantu baseNingiz­imu Afrika abasebenzi­sa izikhungo zezempilo ezizimele, lesi sibalo sezigameko ezibikwe yizikhungo ezizimele siphezulu kakhulu. Lokhu kukhombisa ukuthi kungenzeka ukuthi sitholakal­e ekudleni size sisabalala.

“Kungenzeka ukuthi sitholakal­e ekudleni okusatshal­aliswa kakhulu kubantu ngokuhluka­na kwamazinga abo,” kusho uMotsoaele­di.

Isikhungo esicwaning­a ngezifo iCentre for Disease Control and Prevention sichaza iListerios­is njengesifo esibucayi kodwa esilapheka­yo nesivikele­kayo.

Uthe amalungu omphakathi angathinta ucingo lwezimo eziphuthum­ayo kwi-NICD ku-011 386 2000 ngezikhath­i zasehhovis­i uma benemibuzo ngalesi sifo. Abasebenzi bezempilo bangashaye­la ku-082 883 9920.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa