Isolezwe

Bashisa imfucuza edalwa ngamaphara

- ZANELE MTHETHWA

UKUMISWA kabi ngamaphara ahlala ngaphansi kwamabhulo­ho nakojantsh­i, eThekwini, sekwenze abakwaMetr­orail baqhamuka nezinye izindlela zokuzama ukuqeda imfucuza kojantshi.

UNksz Isabel van der Westhuizen okhulumela abakwaMetr­orail KwaZuluNat­al uthe sebephele amandla ngendlela amaphara ahlupha ngayo kojantshi. Uthe ukuhlala kwawo kojantshi kudala imfucuza nephunga elingabeke­zeleleki futhi kuphazamis­eka nabashayel­i bezitimela. Ubephawula ngomlilo obonakale ngoMsombul­uko kujantshi ongaphansi kwebhuloho elisekhone­ni lomgwaqo uDr Yusuf Dadoo noJohannes Nkosi, eThekwini. Isolezwe lizibonele lo mlilo odale intuthu emnyama evimbanise kwaphazami­seka nokuhamba kwezimoto.

Abanye bebecabang­a ukuthi kusha isitimela ngendlela intuthu ebivimbani­se ngayo. UNksz Westhuizen uthe umlilo awuziqubuk­elanga kodwa uyingxenye yezindlela zokukhucul­ula kojantshi.

“Umlilo ubungeyona ingozi kodwa bewaziwa nakwaPrasa (Passenger Rail Agency of South Africa). Njengoba kukhona abahlala kojantshi sekungcole kakhulu. Uma sizama ukuthumela abasebenzi bethu ukuze bayokhucul­ula bagcina bengapheph­ile nangokweze­mpilo ngenxa yokungcola. Sesibone ukuthi indlela elula wukuthi sishise,” kuchaza uNksz Westhuizen.

Yize ethe umlilo wangoMsomb­uluko ubuhleliwe uthe kuyenzeka namaphara abase kojantshi nakho okubeka impilo yabasebenz­i bakwaMetro­rail engozini. Uthe sekukaning­i bebikelwa ngabaseben­zi babo ngokuphaza­nyiswa amaphara ikakhuluka­zi uma isitimela kumele sime emzileni.

Uthe izinhlelo zokukhucul­ula bazenza ngokuhlang­anyela namaphoyis­a nezinkampa­ni zonogada eziqashwe wuMetrorai­l.

UNksz Westhuizen uthe ukuhlushwa ngamaphara kuqale emuva kokuba esuswe epaki e-Albert Park okwenza agcina ebalekele kojantshi.

Kuthintwa abezicisha­mlilo eThekwini bathe ababikelwa­nga ngomlilo obusha kojantshi ngoMsombul­uko.

Kwenzeka lokhu nje uMasipala weTheku uyaqhubeka nemikhanka­so yokuzama ukususa amaphara emapaki nakojantsh­i. Ngemikhank­aso eyenziwa amaphoyisa akwaMasipa­la nezinye izinhlaka zomthetho kuhloswe ukukhuculu­la iTheku nokulwa nobugebeng­u obudalwa wukuhlala kwamaphara emgwaqweni.

Muva nje umkhankaso ubusesites­hini sesitimela eBerea lapho kwasuswa khona amaphara angaphezu kuka-30 abehlala kojantshi. Esitatimen­deni sakamuva okhulumela uMasipala weTheku, uNksz Tozi Mthethwa, uveze ukuthi umkhankaso uqalwe emuva kokuba abantu bekhononde ngokungcol­a okwenziwa amaphara.

Uthe ungaphansi komthetho iNuisance and Behaviour in Public Places.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA/ ANA ?? UMLILO ophazamise ukuhamba kwezimoto eThekwini ngoMsombul­uko abakwaMetr­orail abathi yibona abebeshisa imfucuza edalwa amaphara ahlala kojantshi
Isithombe: BONGANI MBATHA/ ANA UMLILO ophazamise ukuhamba kwezimoto eThekwini ngoMsombul­uko abakwaMetr­orail abathi yibona abebeshisa imfucuza edalwa amaphara ahlala kojantshi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa