Balengelwa wuKhisimusi omnyama
BESABA ukuthi kungenzeka babe noKhisimusi omnyama abanikazi bemizi abangenawo ugesi ngenxa yokuntshontshwa kwezintambo zikagesi ongenela emizini yabo, e-Adams Mission.
Lezi zakhamizi zithi njengoba zihleli ebumnyameni nje bekusadlule inyanga eyodwa kwenzeke okufanayo, manje sezesaba ukuthi noma ungabuyiselwa ugesi kungenzeka ngoKhisimusi ube usunqanyuliwe futhi.
UNksz Mabongi Mzulwini uthe bavuke izintambo zinqanyuliwe emasontweni amabili edlule namanje awukabuyi.
“Sesibasa umlilo, amafriji awasebenzi. Kwamasipala bathe baningi abantu abanenkinga yezintambo zikagesi ezintshontshiwe. Kunohla lwabantu abaningi abalinde ukufakelwa izintambo kabusha,” kusho yena.
Uqhube wathi usecabanga nokufaka isicelo sokuthi anikwe imali esikhundleni senyama estokofeleni ngoba akazi ukuthi uzoyifaka kuphi.
“Omakhelwane nabo bazobe benenyama eningi ngoba sidlala sonke ngeke sibe khona isikhala sokungifakisa,” kusho yena.
Ingu-14 imizi engenawo ugesi kule ndawo njengoba kunqanyulwe izintambo.
UMnuz Vika Mnyandu (70) uthe sekungokwesine kulo nyaka evuka ekuseni izintambo zinqanyuliwe.
Uthe emzini wakhe sebehlale behlome ngopharafini nezinkuni.
“Okubuhlungu ukuthi ugesi unqanyulwa sesithenge amakhadi esisuke sicabanga ukuthi azosilonda isikhathi eside. Nginesifuba somoya. Isitofu sikapharafini siyangigulisa kodwa akukho engingakwenza ngoba sekuphekwa ngaso. Anginayo imali yokuthenga isitofu segesi,” kusho uMnyandu.
UNkk Nomandla Nyathikazi uthe abakwamasipala bathi zikhona izintambo ezinganqamuleki kalula ezingafakwa kodwa ziyabiza.
“Angazi ukuthi umasipala ukubona kungukonga yini ukufaka izintambo emzini owodwa kahlanu noma kasithupha ngonyaka. Le mali abathenga ngayo lezi zintambo ezinqanyulwa njalo, ayifiki yini kuleyo mali yentambo okuthiwa iyabiza? Kwamasipala cishe sesiyaziwa ngoba sibathinta njalo izintambo sezinqanyuliwe,” kusho yena
Okhulumela uMasipala weTheku, uNksz Tozi Mthethwa uthe cishe zonke izinsuku umasipala ubikelwa ngokunqanyulwa kwezintambo.
Uthe ngenxa yezinkinga zokwebiwa kukagesi kuleli dolobha umasipala usuqale uhlelo olusha lokushintsha amakhebula angaphansi komhlaba kufakwe asezigxotsheni.
“Okunye okwenziwayo ukuthi kufakwe izintambo ezinomlilo omkhulu ukuze kungabi lula ukuthi zinqanyulwe kalula. Sisebenzisana namaphoyisa ukuze kuboshwe izigilamkhuba,” kusho uNksz Mthethwa.