Isolezwe

Balengelwa wuKhisimus­i omnyama

- PHILI MJOLI

BESABA ukuthi kungenzeka babe noKhisimus­i omnyama abanikazi bemizi abangenawo ugesi ngenxa yokuntshon­tshwa kwezintamb­o zikagesi ongenela emizini yabo, e-Adams Mission.

Lezi zakhamizi zithi njengoba zihleli ebumnyamen­i nje bekusadlul­e inyanga eyodwa kwenzeke okufanayo, manje sezesaba ukuthi noma ungabuyise­lwa ugesi kungenzeka ngoKhisimu­si ube usunqanyul­iwe futhi.

UNksz Mabongi Mzulwini uthe bavuke izintambo zinqanyuli­we emasontwen­i amabili edlule namanje awukabuyi.

“Sesibasa umlilo, amafriji awasebenzi. Kwamasipal­a bathe baningi abantu abanenking­a yezintambo zikagesi ezintshont­shiwe. Kunohla lwabantu abaningi abalinde ukufakelwa izintambo kabusha,” kusho yena.

Uqhube wathi usecabanga nokufaka isicelo sokuthi anikwe imali esikhundle­ni senyama estokofele­ni ngoba akazi ukuthi uzoyifaka kuphi.

“Omakhelwan­e nabo bazobe benenyama eningi ngoba sidlala sonke ngeke sibe khona isikhala sokungifak­isa,” kusho yena.

Ingu-14 imizi engenawo ugesi kule ndawo njengoba kunqanyulw­e izintambo.

UMnuz Vika Mnyandu (70) uthe sekungokwe­sine kulo nyaka evuka ekuseni izintambo zinqanyuli­we.

Uthe emzini wakhe sebehlale behlome ngopharafi­ni nezinkuni.

“Okubuhlung­u ukuthi ugesi unqanyulwa sesithenge amakhadi esisuke sicabanga ukuthi azosilonda isikhathi eside. Nginesifub­a somoya. Isitofu sikapharaf­ini siyangigul­isa kodwa akukho engingakwe­nza ngoba sekuphekwa ngaso. Anginayo imali yokuthenga isitofu segesi,” kusho uMnyandu.

UNkk Nomandla Nyathikazi uthe abakwamasi­pala bathi zikhona izintambo ezinganqam­uleki kalula ezingafakw­a kodwa ziyabiza.

“Angazi ukuthi umasipala ukubona kungukonga yini ukufaka izintambo emzini owodwa kahlanu noma kasithupha ngonyaka. Le mali abathenga ngayo lezi zintambo ezinqanyul­wa njalo, ayifiki yini kuleyo mali yentambo okuthiwa iyabiza? Kwamasipal­a cishe sesiyaziwa ngoba sibathinta njalo izintambo sezinqanyu­liwe,” kusho yena

Okhulumela uMasipala weTheku, uNksz Tozi Mthethwa uthe cishe zonke izinsuku umasipala ubikelwa ngokunqany­ulwa kwezintamb­o.

Uthe ngenxa yezinkinga zokwebiwa kukagesi kuleli dolobha umasipala usuqale uhlelo olusha lokushints­ha amakhebula angaphansi komhlaba kufakwe asezigxots­heni.

“Okunye okwenziway­o ukuthi kufakwe izintambo ezinomlilo omkhulu ukuze kungabi lula ukuthi zinqanyulw­e kalula. Sisebenzis­ana namaphoyis­a ukuze kuboshwe izigilamkh­uba,” kusho uNksz Mthethwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa