Abathandi beGeza bazuze lukhulu
IGEZA LakwaMgube ngomunye wabaculi asebengomakadebebona kule ndima kodwa abasavutha bhe namanje kangangoba bakhona abaculi abasebasha abadlisela ogageni esteji. Namhlanje uCHARLES KHUZWAYO ukhiphela eshashalazi induna yabalandeli bakaMgube,uMQOQI LINDANI MKHUNGO.
CHARLES (CK): Awuzichaze ukuthi ungubani?
MQOQI (MM): Ngizalelwe ePort Shepstone, eMehlomnyama, KwaVimb’ukhalo esizweni sakwaCele phansi kwenkosi uKhanyile Cele.
Ubaba nguMbongwa Mkhungo odume kakhulu ezinsizweni zezigodi esakhelene nazo ngoScefesentombi uma isala esokeni, uManovungu obomvu noma kuthiwe uNkomo abayisika amahawu ngoba behalela umbala wayo kanti uMama uMakho uMaNhlangwini, uMacele.
Ngingowesithathu ezinganeni ezingu-11 kwethu okuyizinsizwa nezintokazi. Esilungwini ngihlala eMlaza. Ngaqala ukufunda eNgaleka Primary, ngadlulela kwaNguza Primary eSt Faith kodwa u-matric ngawenza eFingqindlela High khona
KwaNguza. Ngibe sengifunda e- Intuition College ngenza izifundo ze-computer,
ngabe sengisebenzela izinkampani zokwakha ezahlukene, ngadlulela eFreshmark DC ngaphambi kokusebenzela uTransnet Port Terminals njenge-service driver.
CK: Wangena kanjani emculweni kamaskandi?
MM: Emculweni kamaskandi ngimdala kakhulu futhi ngikhulele kuwo ngenxa yokuthi bekuthi uma kukhona izinsizwa zangakithi ezindala zidlale uMxosheni noMashelela, uNogabisela, Maphoyinti noPhuzekhemisi. Ukuqala kwami ukulandela Indlondl’ emnyama umfokaMgube, akekho umuntu owangibizela kuMaSAP kodwa ngangilalele Ukhozi FM, uhlelo lushayelwa ubaba uShadrack Ngema ongasekho ngo-2002. Wadlala ingoma yaMaSAP ekwiCD esihloko sithi, Ukhamba Lufuz’imbiza, ngaqonda esitolo ngayoyithenga leyo CD. Ngaqala lapho ukuthenga amaCD kaMgube futhi sesihlale sixhumana. Kube sekufufusa izinhlaka zabalandeli koFacebook futhi sagcina sesinamaqembu, sahlela umhlangano esakhethwa kuwo noSfiso Xhakaza waKwaMaphumulo noSiyamthamda Shabalala owayebekelwa ukuhlela izinto zabesifazane.
CK: Mangaki amagatsha eseninawo?
MM: Sinezindawo esinezizinda kakhulu kuzo eMzimkhulu kwelaMabhaca,Weenen, Msinga eMachunwini, eMgungundlovu, eMtuba nakwamanye amadolobha amakhulu.
CK: Yini ekuchaza ngoMgube?
MM: Ngimthanda kakhulu uMgube ngoba indoda emazisayo omunye umuntu. Uma into engayithandi uphumela obala futhi kusebenzeka kamnandi naye.
Okunye uma uye kwifestiveli, uma kudlalwa bukhoma, uMgube ukushiya ujabulile noma ngabe awumlandeli.
CK: Sisebenzisa imibala enjani?
MM: Imibala yeqembu lethu u-orange nomnyama. Sakhetha yona ngoba igqame kahle futhi asinalo elinye iqembu eliwugqokayo.
CK: Yikuphi esenikuzuzile?
MM: Eqenjini sesizuze okuningi sibambisene njengaMaSAP. Engifike ngakushintsha kakhulu kuMaSAP nabaholi esibambisene nabo ulimi, siyaqikelela ukuthi abalandeli bethu basebenzisa ulimi olungenanhlamba kwabanye abaculi nakubalandeli ngoba sinezijeziso uma wenza okuphambene nomthetho. Sinemithetho singubuholi nezinduna zonke.
CK: Niteketiswa ngaliphi igama?
MM: Uma sibateketisa abalandeli bethu sithi Abathandi beGeza noma sithi EzeGeza.
CK: Yibaphi abanye abaculi obakhonzile?
MM: Ngangikhonze uThwalinja wamaShayina Amahle kodwa manje sengibusiswa, Ondabuzekwayo naMabhenanyawo. CK: Ukhonze kuphi ukudla? MM: Amadumbe nophuthu nemifino yezintanga kodwa angizidli izicoficofi.
CK: Uma ungenzi lutho, ukhonze ukushaywa wumoya kuphi?
CK: Ngithanda ukuzikhiphela e-uShaka Marine noma esiqiwini ngoba ngiyabuthanda ubuhle bemvelo.
CK: Yiliphi iqembu lebhola olikhonzile?
MM: NgiyiBhakabhaka lokuqina
CK: Uma kungathiwa qoka induna engaba yinkosi yazo zonke, ungakhetha yiphi?
MM: Ezinduneni zizonke ayikho engingayibeka ngithi iziphethe zonke ngoba uma ngihlangene nazo ngizibona zinobuchwepheshe zonke ngezindlela ezahlukene, ngakho ngithi zinduna zonke niyefana kimi ayikho inkunzi ayikho inkabi, asihole ngendlela eyiqiniso nengaqhathi futhi sikhumbule abantu esibaholayo bondla imindeni nabangayondli bayathandwa emakubo. CK: Sewuphetha, ungathini? MM: Ngithanda ukubonga umndeni wami wonke ngokungeseka ekuholeni iqembu laMaSAP ngoba uma ngiye kwifestiveli, bayakwamukela lokho noma kushaya ucingo abalandeli angibi nenkinga yokuthi ubani lowo futhi uthini. Bayathoba nje bazi ukuthi ngila kwezeGeza lakwaMgube ngothando neqiniso.