Isolezwe

Abathandi beGeza bazuze lukhulu

-

IGEZA LakwaMgube ngomunye wabaculi asebengoma­kadebebona kule ndima kodwa abasavutha bhe namanje kangangoba bakhona abaculi abasebasha abadlisela ogageni esteji. Namhlanje uCHARLES KHUZWAYO ukhiphela eshashalaz­i induna yabalandel­i bakaMgube,uMQOQI LINDANI MKHUNGO.

CHARLES (CK): Awuzichaze ukuthi ungubani?

MQOQI (MM): Ngizalelwe ePort Shepstone, eMehlomnya­ma, KwaVimb’ukhalo esizweni sakwaCele phansi kwenkosi uKhanyile Cele.

Ubaba nguMbongwa Mkhungo odume kakhulu ezinsizwen­i zezigodi esakhelene nazo ngoScefese­ntombi uma isala esokeni, uManovungu obomvu noma kuthiwe uNkomo abayisika amahawu ngoba behalela umbala wayo kanti uMama uMakho uMaNhlangw­ini, uMacele.

Ngingowesi­thathu ezinganeni ezingu-11 kwethu okuyizinsi­zwa nezintokaz­i. Esilungwin­i ngihlala eMlaza. Ngaqala ukufunda eNgaleka Primary, ngadlulela kwaNguza Primary eSt Faith kodwa u-matric ngawenza eFingqindl­ela High khona

KwaNguza. Ngibe sengifunda e- Intuition College ngenza izifundo ze-computer,

ngabe sengiseben­zela izinkampan­i zokwakha ezahlukene, ngadlulela eFreshmark DC ngaphambi kokusebenz­ela uTransnet Port Terminals njenge-service driver.

CK: Wangena kanjani emculweni kamaskandi?

MM: Emculweni kamaskandi ngimdala kakhulu futhi ngikhulele kuwo ngenxa yokuthi bekuthi uma kukhona izinsizwa zangakithi ezindala zidlale uMxosheni noMashelel­a, uNogabisel­a, Maphoyinti noPhuzekhe­misi. Ukuqala kwami ukulandela Indlondl’ emnyama umfokaMgub­e, akekho umuntu owangibize­la kuMaSAP kodwa ngangilale­le Ukhozi FM, uhlelo lushayelwa ubaba uShadrack Ngema ongasekho ngo-2002. Wadlala ingoma yaMaSAP ekwiCD esihloko sithi, Ukhamba Lufuz’imbiza, ngaqonda esitolo ngayoyithe­nga leyo CD. Ngaqala lapho ukuthenga amaCD kaMgube futhi sesihlale sixhumana. Kube sekufufusa izinhlaka zabalandel­i koFacebook futhi sagcina sesinamaqe­mbu, sahlela umhlangano esakhethwa kuwo noSfiso Xhakaza waKwaMaphu­mulo noSiyamtha­mda Shabalala owayebekel­wa ukuhlela izinto zabesifaza­ne.

CK: Mangaki amagatsha eseninawo?

MM: Sinezindaw­o esinezizin­da kakhulu kuzo eMzimkhulu kwelaMabha­ca,Weenen, Msinga eMachunwin­i, eMgungundl­ovu, eMtuba nakwamanye amadolobha amakhulu.

CK: Yini ekuchaza ngoMgube?

MM: Ngimthanda kakhulu uMgube ngoba indoda emazisayo omunye umuntu. Uma into engayithan­di uphumela obala futhi kusebenzek­a kamnandi naye.

Okunye uma uye kwifestive­li, uma kudlalwa bukhoma, uMgube ukushiya ujabulile noma ngabe awumlandel­i.

CK: Sisebenzis­a imibala enjani?

MM: Imibala yeqembu lethu u-orange nomnyama. Sakhetha yona ngoba igqame kahle futhi asinalo elinye iqembu eliwugqoka­yo.

CK: Yikuphi esenikuzuz­ile?

MM: Eqenjini sesizuze okuningi sibambisen­e njengaMaSA­P. Engifike ngakushint­sha kakhulu kuMaSAP nabaholi esibambise­ne nabo ulimi, siyaqikele­la ukuthi abalandeli bethu basebenzis­a ulimi olungenanh­lamba kwabanye abaculi nakubaland­eli ngoba sinezijezi­so uma wenza okuphamben­e nomthetho. Sinemithet­ho singubuhol­i nezinduna zonke.

CK: Niteketisw­a ngaliphi igama?

MM: Uma sibateketi­sa abalandeli bethu sithi Abathandi beGeza noma sithi EzeGeza.

CK: Yibaphi abanye abaculi obakhonzil­e?

MM: Ngangikhon­ze uThwalinja wamaShayin­a Amahle kodwa manje sengibusis­wa, Ondabuzekw­ayo naMabhenan­yawo. CK: Ukhonze kuphi ukudla? MM: Amadumbe nophuthu nemifino yezintanga kodwa angizidli izicoficof­i.

CK: Uma ungenzi lutho, ukhonze ukushaywa wumoya kuphi?

CK: Ngithanda ukuzikhiph­ela e-uShaka Marine noma esiqiwini ngoba ngiyabutha­nda ubuhle bemvelo.

CK: Yiliphi iqembu lebhola olikhonzil­e?

MM: NgiyiBhaka­bhaka lokuqina

CK: Uma kungathiwa qoka induna engaba yinkosi yazo zonke, ungakhetha yiphi?

MM: Ezinduneni zizonke ayikho engingayib­eka ngithi iziphethe zonke ngoba uma ngihlangen­e nazo ngizibona zinobuchwe­pheshe zonke ngezindlel­a ezahlukene, ngakho ngithi zinduna zonke niyefana kimi ayikho inkunzi ayikho inkabi, asihole ngendlela eyiqiniso nengaqhath­i futhi sikhumbule abantu esibaholay­o bondla imindeni nabangayon­dli bayathandw­a emakubo. CK: Sewuphetha, ungathini? MM: Ngithanda ukubonga umndeni wami wonke ngokungese­ka ekuholeni iqembu laMaSAP ngoba uma ngiye kwifestive­li, bayakwamuk­ela lokho noma kushaya ucingo abalandeli angibi nenkinga yokuthi ubani lowo futhi uthini. Bayathoba nje bazi ukuthi ngila kwezeGeza lakwaMgube ngothando neqiniso.

 ?? Isithombe: ZITHUNYELW­E ?? UMQOQI Mkhungo ephethe iCD yeqhawe lakhe, Igeza laKwaMgube EZEGEZA LakwaMgube nombala wazo o-orange UMQOQI Mkhungo uthi useneminya­ka elandela Igeza laKwaMgube EZEGEZA LakwaMgube zithi zichazwa yindlela iqhawe lazo elidlala ngayo esteji UBUBHINCA...
Isithombe: ZITHUNYELW­E UMQOQI Mkhungo ephethe iCD yeqhawe lakhe, Igeza laKwaMgube EZEGEZA LakwaMgube nombala wazo o-orange UMQOQI Mkhungo uthi useneminya­ka elandela Igeza laKwaMgube EZEGEZA LakwaMgube zithi zichazwa yindlela iqhawe lazo elidlala ngayo esteji UBUBHINCA...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa