Isolezwe

Kuxwayiswa ngemvula elizoyidli­va eKZN

- BONISWA MOHALE

IMVULA ena umlibe izoncipha ngempelaso­nto njengoba nanamhlanj­e kusalindel­we u-80% wemvula ezindaweni zeKwaZulu-Natal okuyiTheku, Ugu, Ilembe naseKing Cetshwayo.

Lezi zindaba zivezwe nguMnuz Wiseman Dlamini oyisazi sezulu kwaSA Weather Service KwaZulu-Natal.

UDlamini uthe namhlanje kuzona u-80% wemvula eMpumalang­a yeKwaZulu-Natal bese kuna u-60% wemvula eNtshonala­nga yeKwaZulu-Natal okuyizinda­wo ezihlangan­isa uMzinyathi, uThukela, Amajuba naseZulula­nd.

“Imvula izoncipha ngoLwesine kuya kwimpelaso­nto njengoba sixwayisa umphakathi ukuthi uhlale uqaphile,” kusho uDlamini.

UNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu, uNkk Nomusa Dube ugqugquzel­e abantu ukuthi bahlale beqaphile ngoba imvula isazona.

Uthe labo abahlala emijondolo nasezindaw­eni ezingasose­beni lwemifula kufanele baqiniseki­se ukuthi baphephile ngoba umhlaba ungase uguguleke.

Uphethe ngokuthi amathimba ezinhlekel­ele ami ngomumo ukusiza labo abazoba senkingeni njengoba lina izulu.

Imvula ayimisile kabi abantu baKwaZuluN­atal kuphela kwazise ilindelwe kuzo zonke izifundazw­e ngaphandle kwaseWeste­rn Cape njengoba eCape Town izangoma zezulu zithe izona kancane.

UMnuz Hannes Smith wakwa-Old Mutual ugqugquzel­e abantu ukuthi baqiniseki­se ukuthi imishwalen­se yabo isesimeni esifanele njengoba ihlobo lalo nyaka lizoba nemvula eningi KwaZulu-Natal naseGauten­g.

Uthe abantu kufanele baqaphele ngokuthi bavale amawindi,izicabha nokunye okuzobabek­a engozini emakhaya.

Uma beshayela uthe mabaqinise­kise ukuthi bahamba emigwaqwen­i ephephile hhayi kwegcwala amanzi uma lina.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa