Ugwetshwa ngelizayo obegila imbokodo
LIZOGWETSHWA ngoLwesithathu oluzayo ikhehla elineminyaka engu-62 elilahlwe ngamacala okudlwengula abesifazane abane liphindelela.
UDingindawo Joyisa ngeledlule ulahlwe inkantolo eNkulu yaseThekwini ngamacala amane okudlwengula, namanye athinta ukushaya nokuthumba abesifazane ayebathembisa umsebenzi.
Amacala wayewenza ezindaweni ezehlukene eThekwini. Kuthiwa ubeneminyaka elutha abesifazane abathembise umsebenzi bese eyabathatha ngenkani abafake esimobeni abadlwengule.
Umphenyi wecala, uSergeant N Naidoo osebenza ophikweni lwamaphoyisa aphenya amacala athinta ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, uthe bese eneminyaka eminingi efuna uJoyisa kodwa engatholakali.
UJoyisa waze watholwa eminyakeni emithathu edlule.
Ngokusho komphenyi owesifazane okwase kuphele unyaka adlwengulwa nguJoyisa wambona KwaMashu elwa nomunye umuntu wabe esehlaba umkhosi wabikela amaphoyisa.
Baqoqa ubufakazi bolibofuzo kwamanye amacala base bemhlanganisa namanye amacala wagcina eselahlwe ngamacala okudlwengula.
Kunezinsolo zokuthi kunowesifazane owadlwengulwa ngo-1999 kodwa ongasatholakali ukuze azofakaza. Amaphoyisa akholwa wukuthi abanye besifazane ababa ngabagilwa bazovela nabo bamvulele amacala uJoyisa uma bezwa ngamacala akhe.
UJoyisa ungene enkantolo egqoke izingubo ezimnyama. Ubelokhu eqalaza kubukeka sengathi udidekile ngendawo akuyona.
Icala lihlehliselwe uDisemba 13 ukuze inkantolo imgwebe.