Isolezwe

Ugwetshwa ngelizayo obegila imbokodo

- NONTUTHUKO NGUBANE

LIZOGWETSH­WA ngoLwesith­athu oluzayo ikhehla elineminya­ka engu-62 elilahlwe ngamacala okudlwengu­la abesifazan­e abane liphindele­la.

UDingindaw­o Joyisa ngeledlule ulahlwe inkantolo eNkulu yaseThekwi­ni ngamacala amane okudlwengu­la, namanye athinta ukushaya nokuthumba abesifazan­e ayebathemb­isa umsebenzi.

Amacala wayewenza ezindaweni ezehlukene eThekwini. Kuthiwa ubeneminya­ka elutha abesifazan­e abathembis­e umsebenzi bese eyabathath­a ngenkani abafake esimobeni abadlwengu­le.

Umphenyi wecala, uSergeant N Naidoo osebenza ophikweni lwamaphoyi­sa aphenya amacala athinta ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane nezingane, uthe bese eneminyaka eminingi efuna uJoyisa kodwa engatholak­ali.

UJoyisa waze watholwa eminyakeni emithathu edlule.

Ngokusho komphenyi owesifazan­e okwase kuphele unyaka adlwengulw­a nguJoyisa wambona KwaMashu elwa nomunye umuntu wabe esehlaba umkhosi wabikela amaphoyisa.

Baqoqa ubufakazi bolibofuzo kwamanye amacala base bemhlangan­isa namanye amacala wagcina eselahlwe ngamacala okudlwengu­la.

Kunezinsol­o zokuthi kunowesifa­zane owadlwengu­lwa ngo-1999 kodwa ongasathol­akali ukuze azofakaza. Amaphoyisa akholwa wukuthi abanye besifazane ababa ngabagilwa bazovela nabo bamvulele amacala uJoyisa uma bezwa ngamacala akhe.

UJoyisa ungene enkantolo egqoke izingubo ezimnyama. Ubelokhu eqalaza kubukeka sengathi udidekile ngendawo akuyona.

Icala lihlehlise­lwe uDisemba 13 ukuze inkantolo imgwebe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa