Isolezwe

Vula amehlo ungagileki kwezothand­o - ungoti

- ZANELE MTHETHWA

UMOYA wothando uvunguza ngezindlel­a eziningi ngezikhath­i zamaholidi, abanye abasuke bezobe beqala nokuhlanga­na nabathanda­na nabo nezesheli.

Kujwayelek­ile ukuthi abanye bathole ubudlelwan­o obusha ngalezi zinsuku, yingakho ongoti bethi kufanele abantu baqaphele ukuze bangagilek­i. Baningi abazobe beshaywa umoya nabathanda­na nabo, abanye abazoba nezidlo eziphambil­i okokuqala ngqa.

Yize kukuhle ukuthola uthando, kuthiwa kunezinto okumele abantu baziqaphel­e ngoba kukhona nabasebenz­isa leli thuba ukugila abanye.

UMnuz Phumlani Mbatha oyiWellnes­s Advisor, uthi kubaluleki­le ukuphepha, ngisho ngabe umuntu usebudlelw­aneni naye. Uthe kumele umuntu abe nesiqinise­ko sokuthi usemethemb­a ngokwanele umuntu ukuze ahambe naye. Uveze nokuthi umuntu akufanele avele ahambe nje engatshela­nga muntu ukuthi uyaphi.

“Uma kukhona umuntu othandana naye kumele kube khona owaziyo ngaye. Vula amehlo ungagileki. Ngisho uzohamba naye akungabi imfihlo yakho wedwa. Kufanele ube nomuntu omethembay­o wakini noma umngani ukuze azi ukuthi uye kuphi. Lokhu kusiza ngokuthi uma kwenzeka noma yini, kube khona owaziyo ukuthi ubugcine ukuphi, nobani,” kusho uMbatha.

Okhulumela amaphoyisa eThekwini uCaptain Khephu Ndlovu uthe baningi abagilekay­o ngalesi sikhathi sonyaka, ikakhuluka­zi abesifazan­e. Ubaxwayise ngokuthi bavule amehlo ngoba nezigebeng­u zisebenzis­a ithuba lokubagila. Uthe ngaphandle kokugilwa ngabesilis­a abashelayo, abanye bathenjisw­a imisebenzi phesheya kwezilwand­le.

Kwabazoya emcimbini nabazohlan­gana okokuqala nezesheli, uNdlovu uthe nakhona kubaluleki­le ukuqaphela. Nakhu okunye okumele ukuqaphele uma uzohlangan­a nesesheli noma isoka elisha. Makube sendaweni yomphakath­i. Ungasheshi uvakashe endlini yomuntu ningakazan­i kahle.

Gwema ukuhamba naye ebusuku.

Gwema ukuphuza uma uqala ukuhlangan­a nomuntu ngoba ungazithol­a wenza izinto ebeningazi­hlelile.

Yiba nezinhlelo zokuzibuye­lela emuva ukuze uhambe uma usuthanda.

 ?? Isithombe: BLACKLOVEA­DVICE.COM ?? KUXWAYISWA abesifazan­e abangazith­ola begilwa yizesheli namasoka amasha ngamaholid­i kaKhisimus­i uma bengaqaphe­li
Isithombe: BLACKLOVEA­DVICE.COM KUXWAYISWA abesifazan­e abangazith­ola begilwa yizesheli namasoka amasha ngamaholid­i kaKhisimus­i uma bengaqaphe­li
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa