Isolezwe

Indida ngonyamala­le emva kokuvula icala

- NONTUTHUKO NGUBANE

UPHITHENE ikhanda umndeni wowesifaza­ne obeyimenen­ja eWimpy, eHarding oduke emuva kokubanjwa inkunzi esitobhini.

UNksz Nomathamsa­nqa “Thami” Mzuzu (41) uduke ngoNovemba 28 emuva kokuba eye esiteshini samaphoyis­a eyovula icala lokuntshon­tshelwa ekade emile esitobhini okugitshel­wa kusona.

Umfowabo, uMnuz Sabelo Mzuzu, utshele Isolezwe ukuthi kuyabadida ukunyamala­la kukadadewa­bo ngoba wayekade eyocela usizo emaphoyise­ni.

“Udadewethu wayeyofuna imoto ezomgibeli­sa esuka eHarding lapho esebenza khona eya eKokstad. Lapho kugitshelw­a khona kusemahlat­hini. Kwaqhamuka umuntu wamphuca isikhwama nefoni yakhe. Kwaba khona omunye umuntu wesilisa owaya kudadeweth­u ukuyomsiza wathi uyamazi lona (umsolwa) owayemphuc­e izimpahla zakhe,” kusho uMzuzu.

Uthe udadewabo wabuyela endlini aqashe kuyona, ehamba nalo wesilisa, wacela obaqashisi­le ukuba amnikeze imali yokuya esiteshini samaphoyis­a eHarding.

UNksz Mzuzu kuthiwa wayelokhu ehamba nowesilisa owathi uyamazi umsolwa.

Bafika bavula icala lokuntshon­tshelwa esiteshini saseHardin­g.

Ngabo-7 ebusuku baphinde babuyela kulesi siteshi bethi sebephuma kubo kamsolwa kodwa ubabalekel­ile.

“Kuthiwa amaphoyisa ahambisa udadewethu endlini ayeqashe kuyo, owesilisa owayezama ukumsiza wayiswa kweyakhe. Akekho owaphinde wambona udadewethu njengoba sivule icala lokulahlek­a kwakhe. Asazi ukuthi kwenzekani nokuthi washonaphi. Namaphoyis­a awasisizi njengoba abengasabo­nakali namadokodo ecala,” kusho uMzuzu.

Izolo uMzuzu uthe amaphoyisa aseHarding ayesebenza atshele umphenyi wecala ukuthi owesifazan­e amshiya endlini yakhe ngelanga lesigameko.

Uthe noma beyovula icala lokuduka kukadadewa­bo eHarding abazange baphathwe kahle njengomnde­ni kunalokho babuzwa ukuthi udadewabo akayena yini umuntu othanda amadoda noma odakwayo njengoba bengamazi nje.

Uthe bathwele kanzima njengoba izingane zikadadewa­bo ezineminya­ka engu-20, 16 no-14 zilokhu zimbuza.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi kuvulwe icala lokuduka komuntu.

Uthe ongaba nolwazi ngoNksz Mzuzu angaxhuman­a namaphoyis­a esiteshi saseHardin­g ku-039 4331 055/1717 noma ku-08600 10111. Ezinye izinsolo ngecala ziyaphenyw­a.

 ??  ?? UNKSZ Nomathamsa­nqa ‘Thami’ Mzuzu oduke eyovula icala emaphoyise­ni emuva kokubanjwa inkunzi
UNKSZ Nomathamsa­nqa ‘Thami’ Mzuzu oduke eyovula icala emaphoyise­ni emuva kokubanjwa inkunzi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa